Whats For Dinner

Izibiliboco ezimnandi: I-Vegan Lasagne

Partnered Content|Published

Ungaphuthelwa yithuba elihle lokufunda ukwenza ukudla okuconsisa amathe ngale resiphi. Ilula futhi inezithako eziqinisekisa ukuthi upheka ukudla okunempilo.

ISIKHATHI: IMIZUZU ENGAMA-80

IPHAKELWA: ABAYI-4

IZINGA: ELIPHAKATHI NENDAWO

IZITHAKO

I-asparagus eluhlaza satshani engu-500g

Imajarini yama-vegan ethambile engu-30ml (2 Tbsp)

Ufulawa ongu-30ml (2 Tbsp)

I-Robertsons Nutmeg encane kakhulu, yokunandisa

Usawoti i-Robertsons Atlantic Sea Salt, yokunandisa

I-Robertsons Black Pepper, yokunandisa Ubisi lwe-alamondi olungu-500ml (izinkomishi ezingu-2)

Amafutha i-vegetable oil angu-15ml (1 Tbsp)

Ama-baby marrow amancane ama-3, asikwe aba yizingcezu

Uliksi omncane o-1, osikwe waba yizingcezu

Amanzi angu-400ml

Iphakeshana eli-1 le-Knorr Dry Cook-in- Sauce Tomato Base

Amaqabunga espinashi angu-450g, aqotshiwe

Utamatisi o-1, osikwe waba yizingcezu Ama-lasagne sheets angaphekwanga ayi-9

INDLELA YOKWENZA

01 Vuthisa uhhavini ngaphambi kokuwusebenzisa uwubeke ku-200 °C.

02 Hluba ingxenye yesithathu yezindukuze-asparagus kancane ngayinye bese unqume izindawo eziqinile ezisekugcineni.

03 Qoba izinduku zibe yizingcezu, bese uzipheke emanzini abilayo imizuzu emi-3. Chitha amanzi kahle bese ubeke eceleni.

04 Manje enza i-white sauce. Ncibilikisa imajarini yama-vegan ebhodweni elincane bese ufake ufulawa ugovuza. Pheka isikhathi esiwumzuzu. Faka ubisi lwe-almondi, lonke ngesikhathi esisodwa, bese ugovuze kahle. Pheka emlilweni omaphakathi, ulokhu ugovuza, ize ishube i-sauce. Susa emlilweni bese unandisa nge-Robertsons Nutmeg, i-Robertsons Atlantic Sea Salt, ne-Robertsons Black Pepper.

05 Shisisa amafutha kwelinye ipani bese uthose

ama-baby marrow namaliksi imizuzu eyi-3 - 5, noma kuze kuvuthwe. Khipha epanini bese ubeke eceleni.

06 Faka amanzi angu-400ml kulelo pani, bese ugovuzele phakathi okuqukethwe ephakeshaneni le-Knorr Dry Cook-in-Sauce Tomato Base. Manje govuzela phakathi ispinashi bese upheke omunye umzuzu.

07 Ndlala uhhafu katamatisi ne-sauce yespinashi phan- si endishini yokubhaka egrisiwe. Beka ama-lasagne sheets ama-3 ngaphezulu.

08 Thela i-sauce katamatisi nespinashi esele ngaphezulu, bese ufake amanye ama-lasagne sheet ama-3.

09 Faka i-asparagus, ama-baby marrow kanye namaliksi ngaphezulu, bese uthele phezu kukahhafu we-white sauce. Faka ugqinsi lwezingcezu zikatamatisi osikiwe.

10 Faka ama-lasagne sheets amathathu okugcina, bese ekugcineni uthele i-white sauce ngaphezulu.

11 Mboza kancane ngefoyili bese ubhake ku-200 °C imizuzu eyi-15. Susa ifoyili bese ubhake eminye imizuzu eyi-15, noma kuze kuphekeke ama-lasagne sheet ngokugcwele.

12 Phaka kushisha ngesaladi lemifino (i-green salad) elihlofozelayo.