KHIPHA unyawo ngale resiphi ekufundisa ukuhlanganisa izithako zansukuzonke ukwenza isidlo esimnandi nesingajwayelekile. Lesi sidlo sizodida abaningi, sishiye nomndeni wakho ufuna impinda!
ISIKHATHI: IMIZUZU ENGAMA-75
IPHAKELWA: ABAYI-4
IZINGA: KULULA
IZITHAKO
Ukwakha ingxube yelensisi:
I-Rajah Medium Curry Powder engu-15ml (1 Tbsp)
I-Robertsons Tumeric engu-5ml (1 Tbsp)
I-kani lamalensisi ansundu ama-2 x 400g, acwengiwe futhi ahlanjululwa
I-chutney engu-125ml (½ wenkomishi)
Ama-raisins angu-50g
500ml (izinkomishi ezi-2) amanzi
Iphakeshana elilodwa le-Knorr Thick Vegetable Soup
Ijusi kalamula eyi-10ml (2 Tbsp)
I-Robertsons Black Pepper engu-2.5ml (½ Tbsp)
Amafutha i-vegetable oil angu-30ml (2 Tbsp)
U-anyanisi o-1, oqotshisisiwe
Okherothi aba-2, abahlutshiwe bese bakhu- hlwa ngegreytha
Amagaqa kagaliki ama-2, aqotshisisiwe
Ukwakha akufakwa ngaphezulu:
250ml (inkomishi e-1) ye-cake flour 5ml (ithispuni eli-1) yebaking powder I-Robertsons Atlantic Sea Salt engu-2.5ml (½ Tbsp)
I-Robertsons Turmeric engu-5ml (1 Tbsp)
Ubisi Iwezitshalo olungu-250ml (1 inkomishi)
(½ Tbsp), njengesoyi, i-almondi noma ubisi Iwe-oat
Amabunga e-bay ama-2
Ukwakha akufakwa ngaphezulu:
Izingxenye ezine zerayisi eliphuzi elivuthiwe
INDLELA YOKWENZA
01 Shisisa uhhavini ku-180 °C ngaphambi kokuwusebenzisa.
02 Shisisa amafutha epanini emlilweni omaphakathi ngokushisa. Faka u-anyanisi, okherothi nogaligi futhi uthose emafutheni amancane imizuzu eyi-10, kuze kuthambe.
03 Faka iRajah Medium Curry Powder ne-Robertsons Turmeric. Thosa ngesineke omunye umzuzu.
04 Govuza amalensisi, u-chutney, ama-raisins, amanzi, kanye nokuqukethwe ephakeshaneni le-Knorr Thick Vegetable Soup. Zoyisa imizuzu emibili kuya kwemithathu, noma ingxube ize ishube.
05 Nandisa ukuze kube mnandi ngejusi kalamula kanye ne-Robertsons Black Pepper. Govuza kahle, bese uthele ingxube phansi esitsheni sokubhaka, uyicindezele phansi ngesineke.
06 Ukwenza okwangaphezulu, faka ufulawa, ubakinga powder, i-Robertsons Atlantic Sea Salt ne-Robertson Turmeric esitsheni, bese kancane kancane ugaye ngokugovuza obisini lwezitshalo.
07 Thela okwangaphezulu phezu kwengxbe yamalen- sisi bese ufake ama-bay leaves ngaphezulu.
08 Bhaka imizuzu engama-20 kuya kuma-30, noma kuze okungaphezulu kuphekeke futhi kube wumbala osagolide. Bhaka i-bobotie ishisa nerayisi eliphuzi.