Whats For Dinner

Izibiliboco ezimnandi: IMasala Oxtail nedombolo elinokusamifino

Partnered Content|Published

SIKULETHELA okujwayele ngendlela engajwayelekile. Amadombolo afakwe okusamifino ukuze abukeke futhi anambitheke kamnandi ne-oxtail eyehla esiphundu.

ISIKHATHI: IMIZUZU ENGAMA-250

IPHAKELWA: ABAYI-6

IZINGA: ELIPHAKATHI NENDAWO

IMasala Oxtail nedombolo elinokusamifino

IZITHAKO

Okokupheka isitshulu se-oxtail:

I-oxtail engu-750g

I-Robertsons Atlantic Sea Salt

I-Robertsons Black Pepper

Ufulawa i-cake flour engu-30ml (izipuni ezi-2)

Amafutha i-vegetable oil angu-30ml (izipuni ezi-2)

u-anyanisi omkhulu o-1, oqotshiwe Izinduku ze-celery ezi-3, eqotshiwe

Okherothi aba-4, abahlutshiwe bese baqotshwa

I-Rajah Mild Masala Curry Powder engu-10ml (izipuni ezi-2)

Iwayini elibomvu noma i-beef stock

engu-125ml (Inkomishi engu-½)

Amanzi angu-375ml (inkomishi engu-1½)

I-bay leaf e-1

Ama-sprigs fresh thyme ama-2

I-tomato paste engu-15ml (isipuni esi-1)

I-Knorrox Oxtail Stock Cube e-1

Ikopi eli-1 x 400g lamalensisi, elicwengiwe Ikopi likabhontshisi ama-kidney beans

angu-1 x 400g (noma ama-butter beans), elicwengiwe

Ukupheka amadombolo:

Ufulawa i-cake flour engu-500ml (izinkomishi ezi-2)

Iphakeshana le-instant dry yeast eli-1 x 10g

Usawoti ongu-5ml (ithispuni eli-1)

Amanzi afudumele angu-80ml (u-¾ wenkomishi), kanye namanye uma edingeka

I-parsley entsha eqotshisisiwe engu-30ml (izipuni ezi-2)

I-coriender entsha eqotshiwe engu-30ml (izipuni ezi-2)

INDLELA YOKWENZA

01 Thela i-Robertsons Atlantic Sea Salt ne-Robertsons Black Pepper ukuze unandise.

02 Faka izingcezu ze-oxtail eplastikini, bese ufake ufulawa uphendula kahle ukuze agcobeke. Shukuza ukhiphe noma omuphi ufulawa ongadingeki.

03 Shisisa uhhafu kawoyela (isipuni esi-1) ebhodweni elikhulu emlilweni omaphakathi ngokushisa, wenze i-oxtail ibe nsundu kuwo wonke amacala, ufake ngokuhlukanisa izingcezu uma kunesidingo. Beka eceleni.

04 Shisisa isipuni samafutha esisele kulelo bhodwe elilodwa. Faka u-anyanisi, i-celery, ukherothi ne-Rajah Mild Masala Curry Powder, bese upheke imizuzu emi-2.

05 Buyisela i-oxtail ebhodweni newayini elibomvu, amanzi, i-bay leaf, ama-thyme sprigs kanye ne-tomato paste. Hlephula i-Knorrox Oxtail Stock Cube ebhodweni bese ugovuze kahle.

06 Mboza ngesivalo bese uzoyise emlilweni iphansi okun- genani amahora ama-3, noma ize ithambe kakhulu i-oxtail. Hlala uhlale ugovuze isitshulu ukuze ugweme ukunamathela kwaso.

07 Susa i-oxtail ebhodweni. Khipha bese ulahle amatham- bo. Sebenzisa izimfologo ezimbili, ubhucunge inyama ibe yizicucu. Buyisela inyama ebhodweni bese ufaka amalensisi kanye nobhontshisi ama-black-eyed beans. Pheka emlilweni omaphakathi kuya phansi eminye imizuzu eyi-15.

08 Esikhathini sehora nengxenye ngaphambi kokuba kulunge isitshulu, qala ukupheka idombolo. Faka ufulawa, iyisti kanye nosawoti ebhodweni elikhulu. Enza imbobo maphakathi, bese ufake amanzi afudumele namafutha. Xova ukuze wenze inhlama eqinaqinile. Uma inhlama ibukeka yome kakhulu, phinda ufake amanzi.

09 Beka inhlama endaweni ethelwe ufulawa bese uxovisise imi- zuzu eyi-8, ize ithambe. Xova i-parsley entsha ne-coriander.

10 Beka inhlama esitsheni esigcotshwe amafutha, mboza isitsha ngendwangu yezitsha ehlanzekile bese ubeke endaweni efudumele ukuze ufulawa ukhukhumale uze uphindaphinde- ke ngobukhulu (isikhathi esiyihora).

11Ngesineke ‘shaya ushove’ inhlama ishone phansi, bese use- benzise izandla zakho ukwakha amabhola alinganayo. Uma inhlama inamathela, gcoba izandla zakho kancane.

12 Ngokucophelela beka idombolo phezu kwesitshulu, uqiniseki- se ukuthi akacwili oketshezini. Mboza ibhodwe bese uwayeke aphekeke ngentuthu imizuzu engama-30, noma aze akhukhumale bese aphekeke avuthwe.

13 Phaka kushisa nophizi, isipinashi noma ubhontshisi oluhlaza.