Whats For Dinner

Izibiliboco ezimnandi: Umbhako wePancake ye-mince enoshizi

Partnered Content|Published

UNGAPHUTHELWA yithuba lokwenza ukudla okumnandi nokungajwayelekile. Le resiphi iconsisa amathe, ngeke bangayifuni impinda!

ISIKHATHI: IMIZUZU ENGAMA-65

IPHAKELWA: ABAYI-4

IZINGA: KULULA

Umbhako wePancake ye-mince enoshizi

IZITHAKO

Ukwenza ama-pancake:

Ufulawa i-cake flour engu-375ml (inkomishi engu-1½)

U-baking powder ongu-10ml (amathispuni ama-2)

Usawoti ongu-2.5ml (½ wethispuni )

amaqanda ama-2

Amanzi angu-250ml (inkomishi e-1), Ubisi olungu-125ml (½ wenkomishi) ,Uviniga ongu-15ml (isipuni esi-1), Amafutha i-vegetable oil engu-100ml, amanye amafutha okupheka

Ukwenza okufakwa phakathi:

Amafutha i-vegetable oil angu-30ml (izipuni ezi-2)

U-anyanisi o-1, oqotshisisiwe

Amagaqa kagaligi ama-2, aqotshisisiwe

I-Rajah Mild & Spicy Curry Powder engu-30ml (izipuni ezi-2)

I-mince yenyama yenkomo noma yengulube engu-500g

Okherothi aba-2, abahlutshiwe bese bakhuhlwa ngegreytha

Ama-baby marrow ama-2, akhuhlwe ngegreyitha

Ikopi likatamatisi oqotshiwe eli-1 x 400g

I-Robertsons Black Pepper

I-Aromat engu-5ml (ithispuni eli-1)

Iphakeshana eli-1 le-Knorr Creamy Cheese Sauce

Amanzi abilayo angu-300ml

I-cheddar ekhuhlwe ngegreytha engu-250ml (inkomishi e-1)

INDLELA YOKWENZA

01 Qala ngokwenza ama-pancakes (noma ungasebenzisa ama-pancake athengwe esitolo). Hlanganisa ufulawa, u-baking powder nosawoti esitsheni.

02 Omunye ujeke, hlanganisa ngokugaya amaqanda, amanzi, ubisi, uviniga kanye namafutha. Enza umgodi ezithakweni ezomile bese ufake izithako ezimanzi. Govuza ngokugaya kuze kungabi nazigaqa.

03 Shisisa ipani elinganamatheli emlilweni omaphakathi. Ungafutha i-non-stick spray, noma ugcobhoze ucezu lwethawula eliyiphepha emafutheni i-vegetable oil bese ulisebenzisele ukugcoba ipani ngafutha amancane.

04 Thela inhlama emanzi eyanele ukugcwala phansi epanini, ulokhu urawundisa ngenkathi uthela phakathi. Pheka kuze kuhlukane amagwebu kwingaphezulu le-pancake kuze kuqale ukugoqana amacala epanini, bese uphendule i-pancake.

05 Phinda ize iphele inhlama. Lekanisa ama-pancakes epule- tini ngenkathi uwapheka, bese uwamboza ngendwangu yezitsha ehlanzekile.

06 Manje enza okokugaka phakathi. Shisisa amafutha ebhod- weni emlilweni omaphakathi ngokushisa, faka u-anyanisi bese upheke imizuzu emi-5. Faka ugaligi ne-Rajah Mild & Spicy Curry Powder bese uyapheka, ugovuze, eminye imizuzu emi-2.

07 Faka i-mince, bese usebenzise isipuni esiyipulangwe ukuhlukanisa inyama ehlangene. Pheka imizuzu eyi-10, noma kuze kuvuthwe uketshezi olusele futhi ne-mince ize iqale ukuba nsundu.

08 Faka okherothi nama-baby marrow bese upheke eminye imizuzu emi-4. Manje faka phakathi utamatisi osekanini bese upheke eminye imizuzu eyi-10. Thela ukuze unandise nge-Robertsons Black Pepper ne-Aromat.

09 Manje lungisa i-cheese sauce. Faka okuqukethwe kuphakeshana le-Knorr Creamy Cheese kujeke. Gcwalisa amanzi abilayo uze ume kuphwu luka-300ml. Ukuze uthole imiphumela emihle, govuza usheshisa ngemfologo umzuzu o-1, ize ithambe futhi ishube.

10 Faka uhhafu we-cheese sauce ebhodweni (enye yibekele ukuthela ngaphezulu) bese ugovuze kahle.

11 Vula igrili kahhavini.

12 Hlukanisa ingxube ye-mince ngokulingayo phakathi kwama-pancakes, bese uwasonge. Hlela ama-pancakes uwabeke ngobunono esitsheni sakuhhavini esigcotshwe amafutha. Wathele i-cheese sauce esele bese uthela ushizi okhuhlwe ngegreytha ngaphezulu.

13 Beka indishi ngaphansi kwegrili eshisayo aze abe-golden bese eqala ukuba namagwebu. Phaka kushisa nesaladi eluhlaza ehlofozelayo.