Whats For Dinner

Sithanda Okwasekhaya: masibingelele i-Aloo Bonda

Partnered Content|Published

Aloo Bonda

Ngokuzayo mhla uzizwela uhalela into ebabayo, vele uziphekele lo ncamnce owehla esiphundu wamazambane ahlofozelayo athoswe ngamafutha amaningi.

Njengoba lo ncamnce uyisidlo esidabuka eningizimu nelaseNdiya, lo ncamnce wabantu abangayidli inyama uhlanganiswe ngobunyoninco nokudla kwesintu kwaseNingizimu Afrika, okuyibhodwe elehlukile eliconsisa amathe elixube imibono evela kumasiko ahlukene.

I-Aloo Bonda yenziwa ngokuhlanganisa imasala yamazambane (inhlanganisela yamazambane, amakinati e-cashew, ujinja, ugaligi, upelele omusha kanye nezipayisi), ukugoqa ingxube ibe amabhola, bese athoswe emafutheni amaningi aze abukeke ezohlofozela abe wumbala o-golden brown efakwe phakathi kukaketshezi kafulawa othambile owenziwe ngofulawa we-chickpea. Iphake ishisha bhe ne-tomato sauce noma u-chutney ophekwe ekhaya.

Ukudla kuyinto emnandi esihlanganyela kuyo sonke njengezakhamizi zaseNingizimu Afrika. Yizithako ezisihlanganisayo. Thola okunye ngamasiko anzulu ezidlo nezindaba zaseNingizimu Afrika eziyigugu ku-https://bit.ly/3jf2Qkv

I-Aloo Bonda

Iphakelwa abantu abayi-10, njengoncamnce

Izithako

Ukuze wenze imasala yamazambane:

10ml (amathispuni ama-2) e-sunflower oil

5ml (ithispuni eli-1) lama-mustard seeds

2.5ml (ithispuni eliwu-½ )lama-cumin seeds

2.5ml (amathispuni awu-½) wama-coriander seeds, agayiwe

amaqabunga kakhari anele isandla, aqotshiwe

amakinati e-cashew ayisi-6, agaywe aba mahhadlahhadla

u-anyanisi omncane o-1, oqotshisisiwe

ucezu lukajija omusha olungu-2.5cm, oluqotshisisiwe

upelepele oluhlaza o-1, oqotshisisiwe

2.5ml (ithispuni eliwu-½ ) e-Robertsons Turmeric

2.5ml (ithispuni eliwu-½ ) e-Robertsons Peri-Peri

1.25ml (ithispuni eliyi-¼ ) e-Rajah Mild Masala Curry Powder

2ml kasawoti, ukuze kunambitheke

350g wamazambane (3 aphakathi nendawo ngobukhulu) abilisiwe, ahlutshwa bese agaywa

30ml (izipuni ezi-2) zamaqabunga e-coriander, aqotshisisiwe

15ml (isipuni esi-1) sejusi kalamula

Ukwenza uketshezi kafulawa:

250ml (inkomishi e-1) kafulawa we-chickpea (ufulawa we-besan noma we-gram)

60ml (i-¼ yenkomishi) e-cornflour

1.25ml (i-¼ lethispuni) e-Robertsons Peri-Peri

1.25ml (i-¼ lethispuni) e-baking soda

200ml wamanzi

5ml (ithispuni eli-1) le-vegetable oil

enye i-vegetable oil, yokuthosa emafutheni amaningi

Indlelakwenza

Qala ngokulungisa imasala yamazambane. Bilisa amafutha epanini elikhulu bese uthosa ama-mustard seed, ama-cumin seeds, ama-coriander seeds kanye namaqabuka kakhari. Qaphela ukuthi ungazishisi izipayisi.

Faka ama-cashew agayiwe bese uthose aze abe golden brown. Manje faka u-anyanisi, ujinja nopelepele, bese ugovuze kuze kuthambe.

Faka i-Robertsons Turmeric, Robertsons Peri-Peri, Rajah Mild Masala Curry Powder nosawuti, ugovuze, bese upheke umzuzu owodwa. Faka namazambane agayiwe, amaqabunga e-coriander kanye nejusi kalamula bese ugovuze kahle. Beka eceleni ukuze kuphole.

Ukwenza uketshezi lukafulawa, hlanganisa zonke izithako esitsheni bese ugovuze kuze kube bushelelezi.

Bilisa amafutha ebhodweni. Enza ingxube yamazambane ibe ngamabhola bese uthathe ibhola ngalinye ulicwilise kuketshezi olungisiwe. Thosa amabhola emafutheni amaningi ashisayo, faka ngamaningana, aze ahlofozele futhi abe golden.

Iphake ne-tomato sauce noma u-chutney.

Klala izinga lamaphuzu futhi ubuyekeze le risiphi ye-Aloo Bonda ku-https://bit.ly/3k7wnMg