ZIHLULEKE nawukuzibamba izintokazi zakuleli zanikela ekhasini lezokuxhumana lenkosi yaseMalawi kulandela inkulumo yayo yangempelasonto.
Inkosi Mmbelwa ibisemakhosini aqhamuka emazweni angomakhelwane athule inkulumo kugcotshwa iSilo uMisuzulu kaZwelithini ngoMgqibelo kwaNongoma. Selokhu ebonakale kulo mcimbi abesifazane bakuleli bavele bazidela banikela ekhasini lakhe lakwiFacebook bayomncoma ngokwethula inkulumo eyakhayo.
Akugcinanga lapho babodwa abakhala ngogazi nasebevele bazidela bazibika enkosini uMmbelwa. "Bayede wena weNdlovu senganele iNingizimu Afrika ngifudukela eMalawi," kusho uCharity.
"Kuyimanje asilele sidingida indaba yakho nkosi yami, ngeke siphile ngaphandle kwakho," kusho uGiger.
"Ndabezitha siphefumula ngenxeba emuva kokukubona," kusho uDombie.
"Zonke izintokazi zaseNingizimu Afrika, zifuna ukushada nawe sonke nkosi yami," kusho uNdlunkulu.
Inkosi uMmbelwa inxuse iSilo uMisuzulu ukuthi sakhe ubumbano esizweni samaZulu ngokusebenza ngokubambisana nawo wonke umuntu. Ukuhambela lo mcimbi inkosi uMmbelwa ithe kube intokozo enkulu kuyo. "Nginxusa iSilo ukuthi sakhe ubumbano nasemazweni ezwekazi i-Afrika, kusho uMmbelwa. Ephetha uthe nolimi lwesiZulu kumele luvuselelwe emazweni akhele iNingizimu Afrika. Balokhulo bephawule njalo abantu ngendlela eyakhayo becela nokuthi uMmbelwa ahambele neminye imicimbi yakuleli.