UKUVALWA kokudayiswa kotshwala izinsuku eziwu-21 ukulwa nokubhebhetheka kwegciwane iCorona kuholele ekwehleni kwezibalo ezibikwayo emaphoyiseni zobugebengu nodlame ezweni lonke.
Lokhu kuqinisekiswe wuNgqongqoshe wamaphoyisa, uGeneral Bheki Cele, esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba izolo.
Okhulumela uCele, uBrigadier Mathaphelo Peters, uthe uCele ukwamukele ukwehla ngamandla kobugebengu.
“Nakuba izibalo zobugebengu zika-2019/2020 zisazokwethulelwa iPhalamende kodwa ucwaningo ngemibiko yamanje olungakaqinisekiswa oluqhathanisa isonto lokuqala lokuvalwa thaqa kwezwe nangesikhathi esifanayo ngonyaka odlule, luveza ukuthi ubugebengu behlile,” kusho uPeters.
Uthe amacala okubulala asuke ku-326 ngesikhathi esifanayo ngonyaka odlule kanti asengu- 94 kulo nyaka.
Awokudlwengula asuke ku-699 ehlela ku-101, awokushaya ngenhloso yokulimaza ayengu-2 673 ngonyaka odlule kanti awu-456 asabikiwe kusuka esontweni lokuqala lokuvalwa kwezwe.
Uthe nakuba amacala okubamba inkunzi kuhlonyiwe, awokudunwa kwezimoto nawokugqekeze ehlile esuka ku-8 853 ehlela ku- 2 098 kodwa kubukeka kuwuhlobo lobugebengu obunodlame kakhulu njengoba iningi labasuke benza lobu bugebengu besuke behlome ngezibhamu ezingekho emthethweni.
Uthe amaphoyisa athola inqwaba yezingcingo ezevile ku-2 300 ngezikhalo ngodlame lobulili selokhu kuqale ukuvalwa kwezwe.
Awu-15 924 amacala odlame lobulili abikwe emaphoyiseni kusuka ngoJanuwari kuze kube sekupheleni kwenyanga edlule kanti abewu-87 920 ukuqhathanisa nesikhathi esifanayo ngo-2019.
UCele uphinde wakwemukela ukwehla kwezibalo ezibikwayo zokuhlukumeza okuthiwa zenziwa amaphoyisa.
“Ukwehla kwezibalo zezikhalo ebezibikwa ngokuhlukumeza obekuthiwa kwenziwa amaphoyisa ezinsukwini zokuqala zokuvalwa kwezwe kukhombisa ukuthi abantu sebeqala ukukuqonda ukuvalwa kwezwe futhi sebeyayilandela imigomo nanokuthi amaphoyisa aseyabambisana nomphakathi.”
Okhulumelai-Independent Police Investigative Directorate, uMnuz Sontaga Seisa, uthe awu-12 amacala enziwe ngamaphoyisa selokhu kuqale ukuvalwa kwezwe. Kuwo kunamathathu okubulala - amabili eGauteng nelilodwa eWestern Cape.