UPHIKO lwabantu abasha lweNkatha Freedom Party (IFP) eMnambithi lwethule emakhaya eDriefontein umkhankaso we-16 Days of Activism, okhuthaza ukuvikelwa kwabesifazane nezingane nokuwumkhankaso waminyaka yonke kuleli. Umgqugquzeli walo mkhankaso, ongusihlalo wabantu abasha aphinde abe yikhansela lePR, uMnuz Ntuthuko Thabede, uthe ukwanda kwezigameko zodlame lobulili ngenye yezinto ezidinga ukusukunyelwa ngisho emakhaya.
"Kunezigameko ezingabikwa nokwenze sakhetha ukuhlanganisa umphakathi siwunxusa ukuthi ubike noma kungenzeki kuye umuntu. Asifisi kugcine ngalezi zinsuku kuphela kodwa kumele kube into yansuku zonke. Impilo okumele siyiphile eyokuhloniphana ngoba nabesilisa bakhona abathule kodwa behlukunyezwa, basabe ukubika ngoba bevikela isithunzi sabo. Sizobamba inguyazana singabesilisa, sidodisane ngendlela yokuziphatha ebudlelwaneni nokunakekela abantu esiphilisana nabo," kusho uThabede.
UNksz Samkelisiwe Shabalala, wakuward 18 KwaThimothi, uthe ubona umkhankaso we-16 Days of Activism ubalulekile nasemakhaya futhi uyawubona umehluko endaweni yangakubo. Uthe ukuhambela le mikhankaso kuyasiza ngoba luningi ulwazi abalutholayo, bafunda nezindlela zokuzivikela. "Uma uhlukumezekile njengomuntu wesifazane, kumele uzame okungenani ukujoyina amaqembu lapho abesifazane abahlukumezekile becobelelana khona. Le mikhankaso ibalulekile futhi ingasiza ukunciphisa isibalo esiphezulu sabantu abahlukumeza abesifazane," kusho uNksz Shabalala.
UNksz Relebohile Buthelezi, ohlala kuward 18 eHlathini, uthe ukuba namakhansela asemancane ngeminyaka njengoThabede kuyabasiza ekuqiniseni izinhlelo ezibalulekile endaweni. "Sibonga iqhaza elidlalwa yikhansela ngokuletha lo mkhankaso endaweni. Nesibalo sabahlukumezayo sesiyehla futhi kuningi abantu abakufundayo. Nabangazi ngiyafisa ukuthi bavuke bacoshe ulwazi ukuze bezosizakala," kusho uNksz Buthelezi.