UZULELWA ngamanqe owayengumsakazi woKhozi FM, uSbu Buthelezi, osekuvele izindaba zokuvulelwa amacala ngabantu abathi wabaqola izigidi zemali ababeyilondoloze enkampanini yakhe i-Abombuso Investments.
Isolezwe Ngempelasonto lixoxe nabambalwa abathi kwacwila izigidi zabantu ezilinganiselwa ku-R60 million enkampanini kaButhelezi. Baveza ukuthi abacwila balinganiselwa ku-600 000.
Baze basho nokuthi kwakuyinto encane kabi le yokushaywa kukaSbu ngamalungu eSikebhe ngoba kwakukhulunywa ngemali yomuntu oyedwa bengaveziwe ukuthi baningi ngalolu hlobo abalahlekelwe.
Kukhona namacala asevuliwe kanti amanye kuthiwa azovulwa maduze.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uwaqinisekisile amacala amabili asevuliwe.
Kukhona elivulwe wuNksz Nompumelelo Nxumalo eDurban Central kanti elesibili livulwe wuMnuz Lindani Gumede esiteshini samaphoyisa eManzimtoti.
UNetshiunda uthe womabili la macala asaphenywa kodwa akekho oseboshiwe ngawo.
Ekukhaleni kwabantu kuvela nezindaba ezishaqisayo ngabantu abalahlekelwa yimali beyilondoloze enkampanini kaSbu Buthelezi.
UMnuz Mbongeni Ndlovu ongomunye wabakhala ngokuthi waqolwa wuSbu Buthelezi, uthe kumanje kunemindeni esihlakazekile ngenxa kaSbu.
“Njengoba siseqoqweni likaWhatsApp angaseyona ingxenye yalo uSbu, kuvela izindaba ezithusayo ngabantu abadlele imali. Kunogogo nje oneminyaka engu-87 ohlala ekhala ezimathonsi ngemali ayifaka kuSbu yacwila.
“Omunye uthe kumanje usexabene nomyeni wakhe ekhaya sebelala ngokuhlukana ngoba wayemkhuza ukuthi angayifaki imali kule nkampani kaSbu kodwa waqhubeka ngenkani ngethemba lokuthi uzothola inzuzo.
“Kumanje sekuhluleke ngisho abefundisi bezama ukuthi kube nokuthula kulo mndeni kodwa indoda imi ngelokuthi yayimkhuzile unkosikazi wayo ngokufaka imali kuSbu waqhubeka ngenkani, ngeke imxolele.
“Omunye uthe uSbu wafika ehleli emakhandleleni eshonelwe wumyeni wakhe, wathi akafake yonke imali yempesheni yomyeni wakhe, yacwila yonke,” kusho uNdlovu.
UNdlovu uthe kunamaqoqo kaWhatsApp abunjwe ngokuhlukana ngokwezifundazwe njengoba kuthiwa le nkampani kaSbu yaqola inqwaba yabantu.
Kuwona amaqoqo kuthiwa abantu baze baxabane bodwa ngoba kukhona nabafuna ukuzifikela mathupha kuButhelezi kodwa bashaywe wukuthi akatholakali kuzona zonke izindawo okwaziwa ukuthi uhlala kuzona.
UMnuz Lindani Gumede, uthe naye ubesejwayele ukuthola izingcingo ezivela kuSbu emsabisa ngokuthi uyamazi lapho ehlala khona, akayeke ukufaka abantu umoya wokufuna imali yabo.
Kumanje kuthiwa kunephoyisa elizibophezele ukuthi lizobalekelela bonke abafuna ukuvulela uSbu amacala okuqolwa.
Abakhala ngokuthi baqolwa kulindeleke ukuthi bahlangane ngobuningi kwesinye seziteshi zamaphoyisa eThekwini ukuzovula amacala maduze ukuze amaphoyisa aqale ukumthungatha uButhelezi.
NgoJanuwari 26, uSbu Buthelezi ukhiphe incwadi eyithumelela abantu abakhala ngokuthi wabaqola, ebathembisa ukuthi bazoqala ukukhokhelwa ngenyanga edlule. Kuze kube yimanje bathe akukho noyedwa osekhokheliwe.
Kule ncwadi Isolezwe Ngempelasonto elinayo ikhophi yayo, uSbu uveza eminye imizamo yokuthi adayisele laba bantu amasheya ukuze akwazi ukubakhokhela imali yabo.
Uze asho nokuthi uyazi ukuthi abanye sebezonda kwasani into ethi “bangababusi” okuyigama athi liyisiphrofetho kubona njengenkampani ukuthi bazobusa.
Uthi kunalokho abantu bazibiza “ngabaqolwa” nakho athe kuyisiphrofetho sabo ngoba uma becabanga kanjalo bazohlupheka impilo yabo yonke.
Abanye bathe bacikwa nawukufunda le ncwadi yonke ngoba kudala uSbu Buthelezi ebakhohlisa kugcine kucwebe iziziba ngemali yabo.