UZOVELA maduze enkantolo owesilisa wokufika oboshelwe icala lokuzenza udokotela eSydenham, eThekwini ngempelasonto.
Lokhu kushiwo okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda.
Ubeqinisekisa isigameko sokuboshwa kowesilisa oneminyaka engu-43 ngoLwesihlanu, eSydenham emva kokubhadanywa esebenza ekubeni ewudokotela mbumbulu.
“Ubesebenza ngaphandle kwamaphepha obudokotela. Amaphoyisa ambophe emva kokulunywa indlebe ngokuba khona kodokotela abasolisayo esikhungweni sezempilo esisemgwaqweni uRandless kule ndawo. Umsolwa uficiwe, waboshwa, uzovela enkantolo maduze,” kusho uNetshiunda.
Umthombo osemaphoyiseni utshele Isolezwe ukuthi udokotela mbumbulu ubhadanywe exilonga ingane eneminyaka emine endaweni yakhe yokusebenzela ngosuku aboshwe ngalo.
Uqhube wathi owesilisa okuthiwa ungowokufika kuleli uboshwe amaphoyisa ophiko oluhlukahlukene okukhona kulo neSydenham Trio Task Team.
Umthombo uthe owesilisa uboshwe emva kokuthi amaphoyisa ngokubambisana nenhlangano yabasebenzi bezempilo, iHealth Professions Council of South Africa (HPCSA), enohlu lwabo bonke odokotela kuleli elunywe indlebe ngemikhuba egilwa ilona wesilisa.
Uthe kuthiwa ubekwe icala lokuzenza udokotela osemthethweni ekubeni engenazo iziqu zobudokotela.
“Amaphoyisa eSydenham Trio Task Team athole umkhondo ngeHPCSA ngodokotela mbumbulu okuthiwa usebenza ngezikhathi zasebusuku ekhemisi laseSydenham,” kusho umthombo.
Uveze ukuthi banikele khona nezikhulu zeHPCSA, bazithela phezu kwakhe exilonga ingane (4) ebilethwe abazali bayo.
“Amaphoyisa aqonde kuyena, ambuza ngezincwadi zomsebenzi wakhe, wahluleka wancama ukuziveza, maqede wakha phansi, ebalekela ukuboshwa,” kusho umthombo.
Uthe ugcine eboshwa, wayiswa esiteshini samaphoyisa eSydenham ukuze kuqhutshekwe nophenyo.
Umthombo uveze ukuthi kuthathwe zonke izinto zakhe zokusebenza okukhona kuzo iStethoscope, isigxivizo sikadokotela, imiqingo yezempilo namanye amafayela nemoto iToyota Fortuner ecishwe izinombolo zayo (Vin number).
“Konke okuthathiwe kuzosetshenziswa uma sekuqhutshekwa nophenyo,” kusho umthombo.