IMEYA yaseNewcastle, uDkt Ntuthuko Mahlaba, izothatha izinyathelo zomthetho ngokudicilelwa phansi kwesithunzi sayo emuva kokuhoxiswa kwecala ebibekwe lona.
UMahlaba, obebekwe icala lokubulala kodwa lagcina lihoxiswe yiNkantolo yeMantshi eMadadeni ngoLwesine, uthe uyabazi abebemakhela uzungu futhi unobufakazi.
Engxoxweni ekhethekile izolo, uMahlaba uthe ubuyelile emsebenzini kamasipala ngoLwesihlanu emuva kokuhoxiswa kwecala ngoLwesine. Yize esedlulile kulezi zivuvaba kodwa mkhulu umonakalo owenzekile.
UMahlaba, onendawo yokwelapha iziguli khona eNewcastle, uthe nomsebenzi wokwelapha uphazamisekile.
“Akuyona indaba encane ukuthi usolwe ngokubulala umuntu. Ngeke ngiqambe amanga kungilimaze kakhulu lokhu. Selidlulile lona icala kodwa mkhulu umonakalo odalekile. Nginethimba elikhulu engisebenza nalo ukubheka umonakalo kuzo zonke izinhlaka ngisho ngakwezezimali. Uma ithimba selihlanganise wonke umbiko, ngizobe sengithatha nezinyathelo zomthetho kulabo abathinteka ekungakheleni uzungu.”
Uthe okubuhlungu ngukuthi konakale igama lakhe ngenxa yabantu abanezinhloso ezithize zepolitiki.
Uthe unezinkulumo eziqoshiwe eziwubufakazi ngokwakhelwa kwakhe uzungu.
Okubi ngokusoleka ngecala lokubulala wukuthi kukhona abangakholwa ukuthi umsulwa ngisho inkantolo isihoxise icala.
“Le nto ayilimazanga mina kuphela kodwa ngisho umama, engisonta nabo nenkosikazi yami. Ngenhlanhla izingane zami (amawele) zisencane azazi lutho. Ngesikhathi ngiboshwa ngahlala izinsuku eziyisikhombisa esitokisini, zazizohlanganisa unyaka zizelwe,” kusho uMahlaba.
UMahlaba, obelokhu emile ekutheni ngeke asuke esikhundleni sobumeya ngesikhathi abanye bethi akashenxe, uthe ubevele azi ukuthi uzonqoba.
Uthe uyathembela ezinkantolo zaseNingizimu Afrika, noma abantu bangakwakhela uzungu kodwa ngeke bakwazi ukukokotela icala.
“Bengigqigqa kubameli kwaphazamiseka nomsebenzi wami wobudokotela. Iziguli bese zikhononda ngoba bengingasakwazi ukwenza kahle umsebenzi. Senginobudlewano beminyaka engaphezu kweyishumi neziguli zami futhi azisamfuni omunye udokotela.”
Utshele Isolezwe ukuthi uzobuyela kahle emsebenzini wobudokotela kuleli sonto.
UMahlaba ubebekwe icala lokubulala uMnuz Wandile Ngobeni owayengumholi we-ANCYL eMalahleni ngo-2016.
Ubebekwe nelinye icala lokushaya owayesebenza kuyena, naye elihoxile icala njengoba ummangali etshele inkantolo ukuthi waqamba amanga.