UKHALA zome umfundisi webandla labasindisiwe othi unkosikazi wakhe umphuzise umchamo, ngesikhathi emenzela itiye.
UMfundisi Jabulani Ntuli waseMondlo, ungomunye wabaholi besekethe yebandla endaweni, iReformed Church of Muwana, uthi uyokuxoxela amagwababa echobana okwenziwe unkosikazi wakhe uNkk Bongekile Ntuli.
Uma echaza ngesehlakalo uMfundisi Ntuli uqhaqhazela izwi kuzwakale ukuthi lento imhlukumezile kakhulu emoyeni. Uthi umkakhe akamhloniphi futhi umthatha kancane, umbona engento yalutho.
UNtuli usola umkakhe ngokuthi umfakele umchamo wakhe ethiphothini letiye wamthelela enkomishini, waphuza ezitshela ukuthi yitiye.
“Ngizwe sengigwinyile ukuthi umchamo lo unkosikazi angiphuzisa wona. Kuthe uma ngimbuza ukuthi into enesihluku kangaka uyenza kanjani, wamane wathula nje wangigqolozela,’’ kubalisa uMfundisi Ntuli.
Eqhuba uNtuli ubebalisa ngamahlazo athe umkakhe umfake kuwona, uthe umbukanisa nabazalwane basebandleni ngoba usephenduke isangoma ekubeni egane indoda esindisiwe.
“Uyangihlambalaza unkosikazi, ngikutshela ukuthi kuyimanje nje usevele waphenduka isangoma. Namalungu ebandla engiwaholayo angisazi nokuthi ngizowaphendula ngithini ngoba ibuhlungu le mpilo engiyiphiliswa yilo nkosikazi,’’ kukhola umfundisi.
Usola ukuthi izinto azenzayo umkakhe ziveza ukuthi ungumuntu ohanjelwa yingqondo. Uthe akekho umuntu onengqondo ongaphuzisa umyeni wakhe umchamo ngaphandle uma ephanjanelwa yingqondo.
Ethintwa yiSolezwe ngoMgqibelo umkakhe uthe konke akwenzayo, kudalwa wukuthi uthola ukuhlukumezeka okukhulu kumfundisi. Uchaze umyeni wakhe njengowesilisa ombethe isikhumba semvu kanti uyibhubesi ngaphakathi. Uthe uyazisola kakhulu ngokugana umfundisi ongumkhohlisi nomzenzisi.
Udalule ukuthi yena useze waphuphunyelwa yizisu amahlandla amaningi ngenxa yokuhlukumezeka abekuthola kumfundisi.
“Ngiphuphuphunyelewe yizisu eziningi ngenxa yakhe lo baba ebese ejaha ukuma phambi kwabazalwane abasontise azibize ngomfundisi. Umfundisi onjani ohlukumeza umkakhe? Umfundisi onjani olala nabafazi babantu?’’ kubuza unkosikazi.
Akafunanga ukuwuphendula uqonde umbuzo omayelana nomchamo kunalokho uthe yena uyaziphindiselela kubantu abamhlukumezayo.
Isolezwe ngoMgqibelo litholile ukuthi udaba lukamfundisi nomkakhe selubhungwa ezingeni eliphezulu ebuholini bebandla.
Umthombo udalule nokuthi uMamfundisi akasalubhadi enkonzweni kodwa kuthiwa useqhuba umsebenzi wakhe wokubhulela abantu esigodlweni.