IBHANTSHI kuthiwa ligcwale umoya kwisihlabani somlingisi uMpumelelo Bhulose obelingisa emdlalweni Imbewu: The Seed okhonjiswa kwi-e.tv ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu ngo-9:30 ebusuku.
Ngokuthola kweSolezwe ngeSonto ngomthombo walo othembekile, uMpumelelo odlala indawo kaZimele Bhengu kulo mdlalo, uzonele ngokuthi angalubhadi emsebenzini amasonto amathathu ngaphandle kwesizathu.
Uthe ukunyamalala kwakhe emsebenzini kushayele isipikili sokugcina kubaphathi balo mdlalo abebevele sebecikekile indlela aziphatha ngayo.
“Sekunesikhathi abaphathi bengeneme ngoMpumelelo. Bebelokhu bembekezelela ngoba ungumlingisi oqavile kwiMbewu. Bebelokhu bekhala ngokuthi ungumuntu onethalente okuzoba nzima ukulahlekelwa nguye kodwa ugcine esebami emphinjeni. Enye into ahlupha ngayo inkani, akafuni ukuboniswa,” kusho umthombo.
Uqhube wathi uMpumelelo ubesezakhele isigcwagcwa kubaphathi nakozwakwabo ngenxa yokuthi ubengawuhloniphi umsebenzi.
“Ubefika ngesikhathi asithandayo emsebenzini. Ubekubeke ekhanda ukuthi ungumlingisi oqavile kulo mdlalo. Ubengazitsheli ukuthi bazogcina bemchithile ngoba ubebona engathi uyena omise lo mdlalo. Udaba lokuxoshwa kwakhe lukhunyelwa phansi, abantu badonswe ngendlebe ukuthi bangaluthi vu njengoba befuna nokumthathela izinyathelo zomthetho,” kusho umthombo.
Ngokusho kwalo mthombo omunye wabadidiyeli balo mdlalo usanda kusula emsebenzini kanti kukhona nabanye abahlongoza ukuhamba.
Uveze ukuthi abantu babona engathi umkhumbi weMbewu uyacwila ngakho abafuni ukuthi ucwile bephakathi.
Okhulumela i-e.tv uMichael Pocock uthe kunezingxoxo eziqhubekayo phakathi kwabakhiqizi balo mdlalo nalo mlingisi kodwa imininingwane eyanele izovezwa ngokuhamba kwesikhathi.
UMichael akazange awaphendule amahlebezi okuthi kukhona asebeshiyile kulo mdlalo.
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaMpumelelo ayizange iphumelele, ucingo lwakhe beluvaliwe, nomyalezo athunyelelwe wona akazange awuphendule.
Ngaphambilini Isolezwe ngeSonto like labika ngoMpumelelo ngesikhathi exoshwe emdlalweni okhonjiswa kuSABC 1, Uzalo.
Nakhona kwavela ukuthi uxoshelwe ukuzikhukhumeza okwakwenza kube nzima ukusebenzisana naye.