BAYATHUTHUMELA abantu base-Nairobi, eKenya, kweqa ejele iziboshwa ezingu-13 okukhona kuzo nomalugaju osenqume wabulala inqwaba yabantu besifazane.
Ngokombiko wamaphoyisa aseKenya, laba beqe esitokisini samaphoyisa eNairobi.
Ngokusho kwamaphoyisa, uCollins Khalusha oneminyaka engu-33 ubudala okuthiwa uzivumele yena amacala okunquma abulale abesifazane abangu-42, uphakathi kwabantu abangu-13 abeqe esitokisini samaphoyisa eNairobi.
UKhalusha uchazwe ngamaphoyisa “njengomuntu onobulwane nongaphilile kahle ekhanda ngesikhathi eboshwa ngoJulayi, ngemuva kokutholwa kwezidumbu endaweni eyaziwayo enhlokodolobha yaseKenya.
Amaphoyisa athe ngoLwesibili, iphoyisa eliphethe nomphathi wenkantini esiteshini samaphoyisa iGigiri, babone ukuthi abasolwa bebengekho ngesikhathi beyobanika isidlo sasekuseni ngo-5 ekuseni.
Kuthiwa uKhalusha nezinye iziboshwa ezidabuka e-Eritrea futhi eziboshelwe izinsolo zokuba eKenya ngokungemthetho, basika izintambo ezitokisini zabo base beqa udonga.
UMohamed Amin oyinhloko yophiko oluphenya ngamacala obugebengu, utshele i-Associated Press ukuthi kuyishwa ukweqa kwalaba basolwa.
“Lona bekungumsolwa onobungozi kakhulu obhekene namacala abucayi. Siyasiphenya lesi sigameko futhi sizothatha izinyathelo ezifanele,” kusho u-Amin.
Ngokusho kwamaphoyisa, uKhalusha uzivumele yena amacala okubulala abesifazane abangu-42 eminyakeni emibili edlule, waphonsa izidumbu zabo enkwalini okumanje isisetshenziswa njengendawo yokulahla udoti. Kwatholakala okungenani amasaka angu-10 anezitho zomzimba ezinqunyiwe kule ndawo.