IZIHLATHI zivakashele izindlebe kubafundi besikole iBhekithemba Combined Primary, eMlaza, ngesikhathi inhlangano yakuleli lokishi izobaxhasa ngemifaniswano.
Inhlangano iThenjilabantu Empowerment for Disabled, inikele ngemifaniswano kubafundi abangu-20 besikole.
Uthishanhloko wesikole, uNkk Khanyisile Khumalo, uqale ngokubonga kakhulu umsunguli wenhlangano ngokuqoka isikole sakhe ekubeni ziningi izikole abengaziqoka.
"Njengoba nilapha siyajabula kakhulu. Siyabonga kakhulu ukuthi kwafika umuntu osithandayo, owathi ufuna ukusiza izingane zabantu abamnyama. Siyabonga kakhulu Sis' Thenji nethimba lakho leThenjilabantu Empowerment for Disabled ukuthi nisikhumbule."
UNkk Khumalo uthe imifaniswano izokwenza omkhulu umehluko kubafundi ngoba sebezokwazi ukugxila ezifundweni zabo.
Uthe empeleni okwenza iningi lezingane ezifunda kulesi sikole zidonse kanzima ukuthi nazo zizalwa ngabantu abasha, abangakatohozi ngenxa yokusweleka kwamathuba emisebenzi.
Umsunguli wenhlangano, uNksz Thenjiwe Nxumalo, uthe okwamenza wasungula inhlangano ukuthi uyazifela ngezingane. Uthe empeleni IThenjilabantu Empowerment for Disabled, yinhlangano esungulwe ngabantu abanokukhubazeka. Unxuse abafundi besikole ukuba babaphathe kahle abafundi abanokukhubazeka futhi bangalinge bababize ngezici abanazo.
Omunye wabaholi benhlangano, uMnuz Nkosinathi Gama, uthe kufanele abafundi bazi ukuthi nabantu abanokukhubazeka bayingxenye ebalulekile emphakathini. UGama ubuye wabonga kakhulu abantu ababaxhasile njengeFashion World, nesikhungo iPan African School of Economics and Technologies.