BAHLALELE ovalweni osomabhizinisi abangabanikazi bezindawo zokucima ukoma emva kokusocongwa kwabanye babo kulandelana.
Lokhu kuza emva kokudutshulwa kubulawe uMnuz Zola Kweyama wakwa-A eMlaza.
Kuvela ukuthi udutshulwe ekuseni ngabesilisa abathathu abafike bazenza abantu abazothenga utshwala.
“Sididekile ukuthi kungani ebulewe ngesihluku esingaka uKweyama ngoba ubengumuntu wabantu,” kusho umthombo.
UKweyama udutshulwe ngoyaba lwezinhlamvu waphelela endaweni yesigameko.
Udutshulwa nje kusasa kuzobe kungcwatshwa umelaphi wendabuko, uMnuz Nhlanhla Cele, uSbushebushe, naye obenendawo yokucima ukoma encikene nekaKweyama.
Naye uCele wadutshulwa ngeledlule esendaweni yakhe yokucima ukoma, iYellow Lounge, ngamadoda angaziwa.
Badutshulwa nje emasontweni edlule kwadutshulwa umnikazi wendawo yokucima ukoma ese-Reunion, engekho kude naseMlaza.
Khona eMlaza kwa-E kunowesilisa obenendawo yokucima ukoma naye okuthiwa ubulawe ngendlela efanayo.
Ezinyangeni ezedlule kusocongwe induna yaseMbumbulu, nayo ebinendawo yokucima ukoma khona eMbumbulu.
Nayo yadutshulwa ngoyaba lwezinhlamvu ngamadoda angaziwa ngesikhathi esevala endaweni yakhe.
EMgungundlovu, ekuqaleni kwalo nyaka, kwabulawa owesifazane obenendawo yokucima ukoma ngokudutshulwa.
Lokhu sekudale itwetwe kubanikazi bezindawo zokucima ukoma.
USihlalo weSisonke Liquor Traders KwaZulu-Natal, uMnuz Brush Mncadi, uthe bakhathazekile ngokwanda kwezigameko zokusocongwa kwabo.
“Sihlalele ovalweni ngoba asazi sixabene nobani. Akekho futhi umuntu oseke weza kithina ezobeka isikhalo sakhe ngathi. Lokho kusishiya ebumnyameni ukuthi kwenzekani njengoba sibulawa.
“Kumanje sesicabanga nokuthi sithole onogada abazosiqapha kodwa nakhona sinenkinga yokuthi asinayo imali eyanele ukuthi singabakhokhela,” kusho uMncadi.
UMncadi uqhube wathi abasaqondi noma abahlaseli babo kunomyalezo abaqonde ukuwudlulisa yini ukuze uma sebekhuluma kuzwakale.
Uqhube wathi into ebaphatha kabi ukuthi lezi zigameko ziphazamisa osomabhizinisi abamnyama.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Robert Netshiunda, uthe esigamekweni sayizolo kuphenywa icala lokubulawa kowesilisa oneminyaka engu-57 obengumnikazi wendawo yokucima ukoma.
“Kule ndawo yokucima ukoma kungene owesilisa ephethe isibhamu esikhulu wadubula ebhekise kumnikazi wendawo obemi ngemuva kwetafula lokudayisa. Emva kwemizuzwana kuphinde kwangena omunye wesilisa ephethe isibhamu esincane waqhubeka wadubula umnikazi wendawo yokucima ukoma esemdubulela eduze. Baqede lapho baphuma babaleka, kumanje basathungathwa abenze lokhu,” kusho uCol Netshiunda.