UGCINWE ngaphakathi esitokisini umlisa osolwa ngokubulala ugogo wakhe adle nezitho zakhe zomzimba.
NgoLwesibili, lo mlisa (41) osolwa ngokubulala uNkk Judith Ndlela (90) obulawe ngesonto eledlule uvele eNkantolo yeMantshi eMgungundlovu ngecala lokubulala.
Lokhu kulandela ukuboshwa kwakhe ngesonto eledlule emuva kokuthi abhadanywe edla izicubu zikagogo.
Kulindeleke ukuthi abuyele enkantolo yemantshi ngoFebhuwari 20 nonyaka.
Icala lihlehliswe ngenhloso yokuthi akwazi ukuthola ummeli.
FUNDA: Umzukulu uficwe edla izicubu zesalukazi
Ekhuluma ngaphandle kwenkantolo uNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal uDkt Sibongiseni Dhlomo, uthe bebelokhu belilandela leli cala kusuka bezwile ngesigameko.
Uthe umsolwa walaliswa kwesinye sezibhedlela zikahulumeni.
UDkt Dhlomo ube esecela kodokotela ukuthi athathwe igazi umsolwa ukuze kutholakale ukuthi azikho yini izidakamizwa ayezisebenzisile ngoba ethi akukaze kuzwakale ukuthi umuntu angenza le nto asolwa ngayo.
Judith Ndlela
UDhlomo uthe ukubulala umuntu akuwona umkhuba okufanele uthathwe njengojwayelekile kodwa ukugcina umsike izitho zomzimba uzidle kuxake kakhulu.
Uthe bakujabulele ukuthi odokotela baseseke isicelo sabo.
UDkt Dhlomo ophinde abe ngusihlalo weMen’s Forum uthe bafuna ukuthumela umyalezo okhombisayo ukuthi banozwelo futhi banendaba njengabantu besilisa.
“Siyabagxeka abantu besilisa abaziphatha ngale ndlela ngisho kungathiwa kwenzekeni.
"Siyakujabulela ukuthi umsolwa uzogcinwa ngaphakathi kuze kube nguFebhuwari 20 ukuze afake isicelo sebheyili futhi sikubona kuwubulungiswa lokhu ngoba umphakathi udiniwe.
"Impilo yakhe naye isengcupheni ngakho ukumgcina ngaphakathi kuyinto efanele,” kusho uDhlomo.