LISATHUTHUMELA iphini likathishanhloko eHlokozi High, eHighflats, elisinde ligwazwa ngumfundi ngoLwesihlanu.
Uthisha, igama lakhe eligodliwe ukumvikela, kuthiwa ufundisa izifundo ze-Economic Management Science ne-Accounting eHlokozi High. Kuthiwa umfundi ubefuna ukweqiswa ngenkani ayofunda uGrade 10 emuva kokufeyila uGrade 9 ngonyaka odlule.
UNobhala weSadtu KwaZulu-Natal, uNksz Nomarashiya Caluza, uthe sebebikeliwe ngodaba olubakhathazile.
“Sithole ukuthi umfundi ubefeyilile kodwa wangena ngenkani ekilasini ngoba ethi uphasile. Othisha bathe akabuyele ekhaya abuye nobufakazi bokuthi uphasile. Kuthe ngoLwesihlanu esevulelwa amabhuku, wagwaza iphini likathishanhloko ngoba kuthiwa akabuyele kwaGrade 9,” kusho uNksz Caluza.
Uthe uthisha waseMgungundlovu uphuthunyiswe kwadokotela.
Uthe umfundi, owabaleka esikoleni ngawo uLwesihlanu, akaboshiwe. Namuhla kuzoba nomhlangano wabazali bese nesikole sithathe isinqumo. Iphini likathishanhloko belizama ukungenelela emuva kokuba libizwe ngumabhalane ngesikhathi umfundi egoloza ukubuyela ekilasini alifeyilile.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi, uthe bazocela umbiko ophelele esikoleni.
“Luyasikhathaza kakhulu lolu daba nokuziphatha kwalo mfundi. Kuzomele athathelwe izinyathelo aqondiswe nobugwegwe,” kusho uMahlambi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, ukuqinisekisile lokhu wathi umsolwa usagcwele amathafa. Kuphenywa icala lokushaya ngenhloso yokulimaza esiteshini samaphoyisa eHighflats.
Ngesonto eledlule kudutshulwe uthisha waseBuhlebethu Primary eNanda kodwa wasinda. UMnuz Khetha Ntuli kuthiwa ubezama ukusiza uzakwabo ngesikhathi kubanjwa inkunzi esikoleni.