SEKUHLOLWE kwaphinde kwagonywa abafundi abevile esigidini kuleli ngaphansi komkhankaso woMnyango weMfundo eyisiSekelo noMnyango wezeMpilo.
Abafundi okubalwa nabafunda ezikoleni zabaphila nokukhubazeka, bahlolwe izifo ezehlukene baphinde bagonyelwa izifo ezifana ne-Human papillomaviru, eyaziwa nge-HPV, okuyisifo esithathelana ngokocansi esidala umdlavuza womlomo wesibeletho.
Lokhu kuvele ngesikhathi le minyango ivele ngaphambi kwekomiti lasePhalamende.
UMqondisi obhekele imfundo yabaphila nokukhubazeka, uMnuz Jabulani Ngcobo, utshele amalungu ePhalamende ukuthi lo mkhankaso uthela izithelo njengoba sanda isibalo sabafundi abahlolwa izifo ezehlukene, baphinde bagonywe ukuze bavikeleke.
Uveze ukuthi angaphezu kuka-4 million amantombazane asegonyelwe iHPV.
“Asibashiyi ngaphandle abafundi abaphila nokukhubazeka uma kwenziwa le mikhankaso ezikoleni. Kusuka ngo-2015 sekuqeqeshwe othisha abevile ku-178 000, ukuthi balandele imigomo ethinta ezempilo ezikoleni. Kubalulekile ukuthi sisheshe sinqande izifo ikakhulu kubafundi bamantombazane,” kusho uNgcobo.
UDkt Lesley Bamford woMnyango wezeMpilo, uthe bangaphezu kuka-7 million abafundi asebethole usizo lokukhishwa izikelemu ezikoleni ezingu-Quintile 1 kuya ku-3.
Uthe babalelwa ku-1.6 million abafundi abaneminyaka engu-6 kuya ku-12, asebethole imigomo yezifo ezehlukene okubalwa i-tetanus ne-diphtheria.
“Abafundi abevile ku-258 000 basizwe ezinkingeni ezithinta amehlo, abangu-59 451 bathole usizo oluthinta ukuzwa kwathi abangu-685 000, basizwa ezinkingeni ezithinta inhlanzeko yamazinyo. Abanye basizwe ngokuthi babone ongoti abazobasiza ukuze bakwazi ukukhuluma.”
UMqondisi jikelele eMnyangweni weMfundo eyisiSekelo, uMnuz Mathanzima Mweli, uthe zonke izikole abazakhayo bayaqikelela ukuthi zinezinsiza ezizokwenza kube lula kwabaphila nokukhubazeka.
Uthe kuyadingeka kube nokubambisana emikhakheni ehlukene.
Amalungu ePhalamende aveze ukuthi akumele bazibone beshaywe indiva abafundi abaphila nokukhubazeka kunakwe abafunda ezikoleni ezijwayelekile.
Okunye okuvelile ngukuthi kumele kuqiniswe ezobuchwepheshe ezikoleni zabaphila nokukhubazeka.