UGXEKIWE ngokuphonsa umbono wakhe entweni angayiqeqeshelwe, ufakazi kwelokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa, ngesikhathi ephendula imibuzo eNkantolo eNkulu yasePitoli.
Ufakazi, uBrigadier Bongani Gininda, ongumphenyi omkhulu kuleli cala, ubephonswa imibuzo, ummeli kammangalelwa uMuzikawukhulelwa Sibiya, u-Advocate Charles Mnisi.
UGininda ubebuzwa ngokuya kukammangalelwa wesibili, uMnuz Bongani Ntanzi, kudokotela wamazinyo, emva kokuboshwa kwakhe ngoJuni 2020.
Wenabe ngokuthi into eyayiyiselwa uNtanzi kudokotela wamazinyo ukuthi ayohlolwa njengoba kukhona ofakazi ababeveze ukuthi omunye kubasolwa abangena endlini wayenezinyo legolide.
UMnisi ubuze uGininda ukuthi yini ke eyatholwa odokotela, waphendula ngelithi bathola ukuthi akukho lapho okukhombisa khona ukuthi kukhona izinyo legolide aselikhiphile.
“Waveza ukuthi akakaze abenalo izinyo legolide,” kusho uGininda.
Uthe esethi uqhubeka nomunye umbuzo uMnisi, uGininda wathi ucela ukuqhubeka achaze kakhudlwana ngendaba yezinyo legolide, wavele wamphebeza uMnisi.
“Awume Brigadier! Uyasiphazamisa. Uma kukhona ofuna ukukucacisa, uzokwenza lokho uma usuhlonywa imibuzo uMbuso, ngesikhathi sawo sokukubuza imibuzo isibili. Sengidlulela kokunye mina manje. Angazi ngempela ukuthi inkinga ikuphi,” kubhoka uMnisi.
Kungenelele umshushisi woMbuzo, u-Adv George Baloyi, othe kufanele uGininda avunyelwe ukuthi enabe uma enomuzwa wokuthi kufanele acacise okuthile.
Inkantolo imvumele, wase ethi ufuna ukuveza ukuba kungenzeka ukuthi owayelifakile izinyo legolide, wayengalifakwanga ngendlela ehlelekile yodokotela, wathi uma eselikhipha, wasebenzisa indlela efanayo.
“Uyangiphoqa-ke manje ukuthi ngikubuze ukuthi njengoba uyiphoyisa, ukuqeqeshelwe yini ukuthi uphikise okutholwe udokotela? Akuvezile udokotela ukuthi izinyo legolide alikaze libe khona!” kushaya phansi uMnisi.
Uqhube wathi lokhu osekwenziwa uGininda, kuwukubeka umbono komuntu oyiphoyisa, ongakaze nangelilodwa ilanga abe wudokotela.
UGininda uyena fakazi ohlale isikhathi eside ebhokisini lofakazi njengoba aqala ukwethula ubufakazi ngo-Okthoba, nyakenye.
Kokunye okugqame kakhulu ebufakazini bakhe, ukuveza kwakhe ukuthi wayenze isicelo sokuboshwa komculi uKelly Khumalo. Wathi lokhu wakwenza ngoba ekholelwa ekutheni nguye owayehamba bambili etulweni lokubulawa kukaMeyiwa.
UGininda akagcinanga lapho, waphinde waveza ukuthi uKelly wakhokhela abamangalelwa abaphambi kwenkantolo imali engu-R45 000 ukuthi babulale uMeyiwa.