USHESHE wafika uKhisimusi ezinganeni, abakhubazekile kanjalo nezaguga ezingaphansi kukaMasipala iKing Cetshwayo.
Lokhu kuze emva kokuthi iMeya yalo Masipala, uMnuz Thami Ntuli, ehambele amakhaya abagcinayo ukuze baphephe baphinde banakekeleke.
Amakhaya ahanjelwe uNtuli yiThembeni Care Centre engaphansi kukaMasipala iMfolozi, Jabulani Care Centre eseMhlathuze kwase kuba yisibhedlela KwaMagwaza esiseMthonjaneni.
Kulezi zindawo uNtuli ubenikezela ngegilosa, amathoyizi noncamnce kaKhisimusi.
UNtuli uthe lokhu kungeminye yemisebenzi aye ayenze ngalesi sikhathi ukujabulisa labo abahlwempu. Uqhube wathi lesi yisikhathi sokujabula okungafanele sibuyise usizi kulabo ababhekene nezimo ezithile.
“Kufanele singakhohlwa kodwa sibungaze impilo ngalesi sikhathi abaningi abasichitha nabathandiweyo babo. Akwamukelekile ke ukuthi labo abangathathi ndawo, babhuqwabhuqwe yindlala nobubha,” kusho uNtili.
Uthe sebakwenza kwaba umsebenzi wabo beyiKing Cetshwayo ukuthi labo abazithola besesimweni sokungakwazi ukuchitha amaholidi nabathandiweyo babo, babajabulise ngokuthize, ukubakhombisa ukuthi nabo babalulekile futhi bayathandwa.
Uqhube wathi basazoqhubeka nokuhambisa uKhisimusi nakwezinye izinhlangano ezinakekela izingane, abakhubazekile nabadala.