UFAKAZI woMbuso uveze ukuthi owayengumengameli we-ANC, Inkosi Albert Luthuli, washaywa ngaphambi kokuthi akhothame.
Umphenyi uWarrant Officer Sanet Nel, uthe ubufakazi abuphethe bukhombisa ukuthi uLuthuli washaywa.
Lokhu ukusho ngesikhathi ethula ubufakazi esigcawini esiphenya ngokukhothama kukaLuthuli esiseNkantolo eNkulu eMgungundlovu.
Okushiwo uWarrant Officer Nel kuphambene nokwatholwa yisigcawu sokuqala esasiphenya ngoLuthuli.
Isigcawu sokuqala sathola ukuthi uLuthuli wakhothama emva kokushayiswa yiguzu elithwala impahla.
UWarrant Officer Nel utshele inkantolo ukuthi wenze uphenyo olunzulu ngalolu daba.
"Ngibe nemihlangano eminingi nabantu abahlukene okubalwa kubo abashushisi nabaphenyi. Ngaxoxa nalabo ababeshushisa amacala asukela kwikhomishini yamaQiniso nokuBuyisana, iTruth and Reconcilliation Commission. Emva kokuqoqa bonke ubufakazi bami ngibe sengifinyelela esinqumeni sokuthi uLuthuli washaywa."
UWarrant Officer Nel uthe uzonaba kahle ngalokhu uma eseqhubeka nokwethula ubufakazi, namhlanje.
Ngaphambi kwakhe ungoti wezitimela, uMnuz Andries van Tonder, uthe wenza amaphutha amaningi umshayeli weguzu okuthiwa lashayisa uLuthuli.
UVan Tonder uthe umshayeli wesitimela, uStephanus Lategan, kwakungafanele agudluze isidumbu sikaLuthuli emva kwengozi.
"Kwakufanele alinde kuze kufike amaphoyisa kanye nabosizo lokuqala okuyibona ababezobheka isidumbu."
UVan Tonder uthe uLategan kwakungafanele ahambe endaweni yengozi engakawachazeli amaphoyisa ngokwenzekile.
"Kwakufanele ahambe endaweni yesigameko esewanikezile amaphoyisa isitatimende."
UVan Tonder uphinde wathi uLategan waphinde waphula umthetho ngokungababikeli abaphathi bakhe ngengozi.
"Umthetho uthi kufanele ubikele abaphathi uma wehlelwa yingozi."
UVan Tonder uthe ubufakazi obukhona bukhomba ukuthi uLategan wayengayigwema ingozi.
"Iguzu liyakwazi ukuma ngokushesha. Uma lihamba ngo-60km/p lingakwazi ukugwema into ekude ngebanga elingu-1 500 metres."
Abaholi be-ANC bebephume ngobuningi beze esigcawini.
Phakathi kwabaholi abebeze esigcawini bekukhona iphini likamengameli, uMnuz Paul Mashatile kanye nelungu lesigungu esiphezulu, uDkt Zweli Mkhize.
Abaholi be-ANC basamile kwelokuthi uLuthuli wasocongwa wuhulumeni wobandlululo.
ULuthuli wakhothama ngo-1967.
Kwabe sekuba nophenyo ngawo u-1967, olwathola ukuthi uLuthuli washayiswa yiguzu.