SESIDLULILE emhlabeni isilomo somculo kamaskanda odume ngelikaMjikijelwa. Lo mculi obesesibhedlela isikhathi eside kuthiwa udlule khona namhlanje ekuseni. Isolezwe lithole ngomthombo walo ukuthi ekuseni ngo-4 namhlanje kuqhume isililo kubo kwalesi sihlabani. Kumanje kuthiwa omakhalwane nezihlobo baphikelela khona.
Udadewabo uMinenhle Ngubane namhlanje ekuseni uzwakalisa ubuhlungu akuzwayo kuFacebook ethi, "Jehova ngikwenze konke, ngithandazile ngazila ukudla ngalibiza igama lakho, 2018 ngiyakunyanya ungizwisile ubuhlungu."
Isolezwe namhlanje ephephandabeni libikile ukuthi lo mculi usedluliselwe esibhedlela esizimele. Ngemuva kokuthi Isolezwe liveze izindaba zokuthi kumbulwa kwembeswa kuMjik’jelwa esibhedlela sikahulumeni ngoLwesithathu, umfowabo uMnikezwa ‘Ismakwana SikaShafuza’ Ngubane uthe, lo mculi ubukeka elulama esibhedlela asekuso.
“Njengamanje (esho izolo) ngiyombheka ukuze ngibone ukuthi sesinjani isimo,” kusho uMnikezwa naye ongumculi kamaskandi oseqenjini, Abanganakiwe.
Kwenzeka lokhu nje, kuke kwaba nomyalezo osabalele ezinkundleni zokuxhumana obhalwe nge-instagram kaMjik’jelwa, lapho lo mculi abeqinisa khona abalandeli bakhe idolo.
Nonyaka ukuxinwa ukugula kuphazamise ukuphuma kwecwecwe lakhe elisha ngenyanga ka-Ephreli.
Ngokusho kwenduna yabalandeli futhi nomkhulumeli weMjikijelwa Music Production, uSoh Mkhonza, lo mculi wahlaselwe ukugula esanda kungena e-studio lapha eqopha khona le albhamu yakhe entsha.
“Kwaqala ngokuthi avuvukale izinyawo nemilenze, okwakwenza kube nzima ukuhamba, aphinde ebanjwe nayinkwantshu ezandleni, kunzima ukuba ashayele imoto nokudlala isigingci. Ubephoqa khona kunjalo ukuya e-studio ngoba ecabangela abalandeli, kodwa leli dimoni belilokhu limnqoba njalo uma ese-studio, lokhu osekuholele ekutheni umsebenzi ungapheli ngesikhathi," kusho uMkhonza ekhuluma neSolezwe ngo-Ephreli.
Eminye imininingwane ekuhambeni kosuku.