UMBUSO uzobiza ofakazi abangu-62 ecaleni lokuphehla izibhelu zomtapo ngoJulayi 2021 olithweswe owayeyisishoshovu se-#FeesMustFall, uMnuz Bonginkosi Khanyile.
UKhanyile, ongaphandle ngebheyili kaR5 000, ubevele eNkantolo yesiFunda yaseThekwini ngoLwesihlanu.
Enkantolo bekwenziwa izindlalelo zokuqala kokuqulwa kwaleli cala eselidonse iminyaka linganyakazi.
Umshushisi u-Advocate Yuri Gangai uthe labo fakazi baqhamuka kuzona zonke izifundazwe eNingizimu Afrika.
“Ingxenye yalabo fakazi iphuma ngaphandle kwesifundazwe iKwaZulu-Natal. Umbuso uzosebenzisa ubufakazi bama-video nezinkulumo zaku-Whatsapp obuzoveza ukuthi ummangalelwa unecala,” kusho uGangai.
Enye yala ma-video amahlanu azosetshenziswa wuMbuso uma sekuthethwa icala ingase iphonselwe inselelo wummeli kaKhanyile okhala ngogcobho athi ikuyona.
Ngakolunye uhlangothi, ummeli kaKhanyile uthe uzobiza yena ummangalelwa nabanye ofakazi ababili bezothula ubufakazi.
Imantshi ibe isikuhlehlisela uSepthemba 23 nonyaka ukuphothulwa kwalezi ngxoxo zokuqala kokuqulwa kwecala okungase kube ngasekupheleni konyaka.
UGangai uveze ukuthi uMbuso ungase udinge isikhathi esiyinyanga yonke sokulalelwa kwaleli cala uma seliqulwa enkantolo.
Kulindeleke ukuthi uMbuso unike ummeli kaKhanyile uhla lofakazi bawo uma sekusele izinsuku ezingu-30 kuqulwe icala.
UKhanyile ubebukeka ezikhululekele ebhokisini lofakazi. Njengenjwayelo uswenka aconse uma evela phambi kwale nkantolo.
Bekukhona namalungu eqembu lakhe lezepolitiki uMkhonto weSizwe Party abegqoke izimpahla zaleli qembu abezomeseka enkantolo.
Abantu bavuka umbhejazane ngo-2021 emuva kokuboshwa kowayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma bangenela izitolo nezindawo ezigcina impahla batapa.
Kwashona abantu ababalelwa ku-350 ngesikhathi sezibhelu ezaqala KwaZulu-Natal zenabela ezingxenyeni zaseGauteng.
Ubalelwa kuR50 billion umonakalo owadaleka emnothweni wezwe kwalahleka imisebenzi eyizinkulungwane.
UMbuso usola uKhanyile ukuthi nguyena nabanye abaphehla izibhelu ngokugovuza abantu ukuthi batape futhi bashise, okuyinto ummangalelwa ayiphikayo.
Kwenzeka lokhu nje, uthe eqeda kuleli cala oKlebe bambophela elinye okuthiwa kusukela enkulumeni ayenze ngoMashi nonyaka eGoli.
Kuthiwa inkulumo kaKhanyile yayiphambene nomthetho iRiotous Assemblies Act.
Kuthiwa uKhanyile wathi ngeke lube khona ukhetho eNingizimu Afrika uma kususwa iqembu lakhe uMkhonto weSizwe Party nomholi walo uMnuz Jacob Zuma.
Okhulumela oKlebe kuzwelonke, uColonel Katlego Mogale, uthe inkulumo kaKhanyile yayihlose ukugovuza umphakathi ukuthi ubhikishe futhi ube nodlame uma iqembu lakhe lezepolitiki lingekho ohlwini layezovotelwa.
“Le nkulumo yayinencazelo ethi izakhamuzi kumele zihlangane bese ziyatapa njengoba kwenzeka ngoJulayi 2021. Icala livulwe esiteshini samaphoyisa saseBrixton,” kusho uCol Mogale.
Uthe uKhanyile uphinde wadedelwa ngebheyili uzobuyela enkantolo ngoSepthemba 23 nonyaka ngawo wonke amacala athweswe wona.