UMENGAMELI Cyril Ramaphosa unxuse amalungu e-ANCYL ukuba asebenze kanzima ukuze aklonyeliswe ngezikhundla kuhulumeni.
Ekhuluma emgubhweni wokubungaza iminyaka engu-60, kwasungulwa i-ANCYL kukhunjulwa noMnuz Peter Mokaba owake waba ngumengameli walolu phiko enkundleni yezemidlalo eCato Crest eThekwini izolo, uRamaphosa uthe utuse amagalelo abantu abasha wathi babambe iqhaza alibalulekile ekwakheni izwe.
Uthe ziningi izinto esezizuziwe eziqalwe i-ANCYL.
“I-ANCYL iyona eyaqala yakhuluma udaba lokubuyiswa komhlaba ngaphandle kwezinxephezelo, manje simatasa nalolo hlelo, phezu kwalokho abantu abasha bathi akube nemfundo yamahhala. Kumanje kunohlelo lwemfundo yamahhala ezikhungweni zemfundo ephakeme,” kusho uRamaphosa.
Uthe enye into ezuzwe abantu abasha ukuthi kuqedwe indaba yokuthi kufunakale isipiliyoni ukuze baqasheke. “Njengoba i-ANC kade ihlanganisa uhlu lwabaholi abazongena ePhalamende nakwiziShayamthetho ngingakuqinisekisa ukuthi ukhona u-20%, wabantu abasha.”
Uphinde wanxusa amalungu e-ANCYL ukuba kube iwona ahola umkhankaso we-ANC njengoba kuyiwa okhethweni nonyaka.
“Kunabantu abangu-3 million iningi labo okungabantu abasha abangakubhaliselile ukuvota, ngemuva komgubho weJanuwari 8, ngoMgqibelo phumani niyobanxenxa labo bantu ukuba babhalisele ukuvota ukuze bavotele i-ANC,” kusho uRamaphosa.
Uthe i-ANC iyalidinga ivoti lalabantu abangabhalisile ukuze ikwazi ukunqoba ukhetho ngamalengiso.
“Abantu abasha ibona abakwazi ukukhankasa kahle ngoba basanomdlandla, sicela nisihole ukuze sizonqoba ukhetho khona sizokwazi ukuhlonipha ngendlela efanele uMokaba,” kusho uRamaphosa.
Uthe abantu abasha kumele babuke uMokaba njengesibuko.
UMENGAMELI Cyril Ramaphosa ekhuluma emgubhweni wokubungaza iminyaka engu-60, kwasungulwa i-ANCYL kukhunjulwa noMnuz Peter Mokaba. Video: Mcebo Mpungose
Uchaze uMokaba njengomholi owayenesibindi futhi ekhaliphile.
“Ukusebenza kanzima kukaMokaba ikona okwamenza waze wathenjwa ngisho umengameli wokuqala wentando yeningi uDkt Nelson Mandela owamqokqa wamenza iphini likanggongqoshe kwikhabhinethi yakhe,” kusho uRamaphosa.
Uphinde wanxusa amalungu e-ANCYL ukuba aqhube umkhankaso wokugqugquzela abantu abasha ukuba bafunde ngoba yibona abayikusasa lezwe.