USEPHILA ngokubamba amatoho okuwashela abantu noma abahlanzele igceke ukuze athole okuya ethunjini ugogo obhekene nengwadla yokuvaleka kwempesheni yakhe ngoDisemba wanyakenye.
UNksz Sibongile Rose Khuzwayo (65) waseWelbedacht East, eChatsworth, eThekwini, uvele akhihle isililo uma elandisa ngesimo esinzima abhekene naso.
Uze aqalekise ngokuthi omabhalane bakwaSassa noma sebengamane bayidle impesheni yakhe ngoba useyigqigqele kakhulu kodwa engalutholi usizo.
Uthi ngesikhathi eyohola esikhungweni ngoDisemba nyakenye watshelwa ukuthi kukhona oyikhiphile le mali ngayizolo.
Uthi emva kwalokho watshelwa ukuthi usebenzisa inamba kamazisi efana neyomunye umuntu odabuka KwaMaphumulo okuyindawo naye adabuka kuyona.
Emva kwalokho uthi abakwaSassa nabakwaHome Affairs bebenqakisana ngaye, bemkhomba ngapha nangapha kodwa engasizakali.
Lesi simo uthi sesiholele ekutheni aphume awashele abantu izingubo, abahlanzele izindlu namagceke noma aqoqe amathini, amabhodlela nezinsimbi ayokudayisa ukuze ezothole imali yokuthenga ukudla nogesi.
Uthi le mali ibuye ikwazi ukumsiza uma eyolanda amaphilisi omfutho wegazi emtholampilo.
“Ngenkathi ngiyohola kwavele kwaphuma iheheba lephepha emshinini elalicacisa ukuthi imali ikhishwe ngayizolo. Ngaya nasemaphoyiseni athi angiye kwaSassa, ngathola ukuthi kukhona oyidlayo imali yami. Loyo muntu waya esitolo wathatha impahla yasendlini ngesikweletu,’’ usho kanje ebalisa.
Uveze ukuthi ngoMeyi nonyaka uye koshaya ipasi elisha ezitshela ukuthi inkinga izolunga kodwa bamtshela ukuthi inkinga abhekene nayo ingase ilunge ngo-2022.
UNkk Khuzwayo uthi waze waya KwaMaphumulo eyolanda omazisi babazali bakhe ababefuneka. Uthi uqale ukuhola eminyakeni emithathu eyedlule.
Uma ufika endlini kaNkk Khuzwayo ubingelelwa umnyango ohlephukile ungena ngaphakathi ubone izindonga eziklayekile. Phansi ubeke izindishi namabhakede enzela ukukhongozela amaconsi angena ngophahla kule ndlu yomxhaso afike kuyona ngo-2005.
Isolezwe lifike kwakhe engenayo imali kagesi futhi lina izulu emnyango, ebalisa ngokuthi akazi uzopheka kanjani ngoba ujwayele ukubasa phansi uma epheka.
Uthe emahhhovisi akwaSassa aseChatsworth sebevele bamchithe uma ezolandelela ngokuthi kuqhubekani ngemali yakhe yempesheni.
Okhulumela iSassa KwaZulu Natal, uNkk Sandy Godlwana, uqale waxolisa kuNksz Khuzwayo wathi bazwelana naye, sesiside isikhathi engasizakali.
Uthe onenkinga efana neyakhe akaye eHome Affairs, agingqiswe izithupha enze umbiko, iHanis, azowuyisa eSassa.
“ISassa ibe seyenza uphenyo lwayo ithole ukuthi ubani okunguyena okumele ahole imali phakathi kwabantu ababili abayiholayo. Uthe iyavalwa kuloyo obeyihola ngomgunyathi bese ekhokhiswa yonke imali aseyiholile kungafanele futhi athathelwe izinyathelo zomthetho,” kusho uNksz Godlwana.
Uthe bazomsiza uNksz Khuzwayo ahole imali yakhe futhi baxhumane nehhovisi labo eliKwaMaphumulo ophenyweni abalwenzayo