UNGOQNGQOSHE wezokuVikela kuleli, uNkk Thandi Modise, unqumele ugwayi katiki abantu basemazweni angaphandle ngokuthi uhulumeni ngeke esababekezelela uma besungula izimayini ezingekho emthethweni.
UNkk Modise ukhulume kanje esithangamini sabezindaba ebesihanjelwe nawuNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli, uMnuz Bheki Cele, nowezokuHlumeleliswa kweziMilo noBulungiswa kuleli, uMnuz Ronald Ramola, eTshwane ngoLwesihlanu.
Uthe umkhankaso kahulumeni uthela izithelo njengoba bangaphezulu kuka-2 700 abantu bangaphandle abakhalelwe ngamasongo kaSigonyela emuva kokubhadanywa bemba ezimayini ezingagunyaziwe. Ugcizelele ukuthi kubaphatha kabuhlungu ukuthi abantu abamba kulezi zimayini ezingagunyaziwe ngabantu okungebona abakuleli futhi imiphakathi ehlala eRiverlea eGoli, naseWelkom eFree State, ihlukumezeke kakhulu isikhathi eside ngenxa yokuxabana kwabantu bangaphandle kubangwa ozama zama (izimayini ezingekho emthethweni).
UCele uthe baphumelele ukubopha abanye obhongoza bozama zama. UNkk Modise uthe akacabangi ukuthi wumsebenzi wongqongqoshe ukuvikela isithunzi samanye amazwe uma izwe laseNingizimu Afrika lihlukumezeka ngenxa yabantu abangahloniphi imithetho yakuleli.