Izindaba

Ungazifaki Engozini, Lungisa: IToyota inxusa abantu baseNingizimu Afrika ukuba basukume ngokushesha bayolungisa ama-airbag abo

Partnered Content|Updated

Uma imoto yakho isohlwini lwalezi ezithintekayo noma ungenaso isiqiniseko, hlola iVIN yakho manje.

Image: Supplied

IToyota South Africa Motors (TSAM) ivuselela isimemezelo sayo sokubuyiswa kwezimoto ziyolungiswa ama-airbag ngomkhankaso obizwa ngeTakata Airbag Recall ngaphansi kwesiqubulo esithi Ungazifaki Engozini, Lungisa (Don't Risk It, Fix It) - okuwumkhankaso kazwelonke okhuthaza abanikazi bezimoto ezithintekayo zakwaToyota, Lexus nezwakwaHino ukuba babhukhele ukushintshelwa mahhala ama-airbag abo ngokushesha. 

Lona akuwona umkhankaso omusha. Inkinga ngama-airbag eTakata iqale kusukela ngo-2015 futhi namanje lona kusewumkhankaso omkhulu kunayo yonke emlandweni wezokuthutha, wokuqwashisa ngezokuphepha futhi othinta izigidi zezimoto ezinkampanini ezihlukahlukene emhlabeni jikelele. Okusha wumkhankaso osuqinisiwe wakwaToyota ukuzama ukufinyelela kubanikazi bezimoto abangakazihambisi izimoto zabo ukuba ziyolungiswa mahhala ukuze ziphephe. 

Inkinga ebucayi engaphelile. Phezu kweminyaka eminingi kunxuswa abanikazi bezimoto ukuba bahambise izimoto zabo ukuba ziyolungiswa kabusha ama-airbag, u-39% wezimoto ezithintekayo eNingizimu Afrika awukakalungiswa. Lokhu kusho ukuthi izinkulungwane zabashayeli, abagibeli nemindeni zisengcupheni yokulimala noma yokufa uma kwenzeka kuqhuma mawala i-airbag enephutha. 

Uhla lwezimoto ezithintekayo lubanzi futhi luhlanganisa ezindala nezintsha:

EzakwaToyota:

  • Corolla (2002–2017)
  • RAV4 (2003–2005)
  • Fortuner (2005–2015)
  • Hilux (2004–2015)
  • Yaris (2005–2017)
  • Avensis (2006–2008)
  • Auris (2007–2013)
  • RunX (2002–2007)

EzakwaLexus:

  • IS (2006–2012)
  • SC (2008)
  • RX (2016)

EzakwaHino:

  • 300 Series (2011–2017)

UMengameli ophinde abe yiCEO yeTSAM, u-Andrew Kirby, uthi ngalo mkhankaso omusha bahlose ukuqeda le nkinga futhi bakwenze lokho kube lula kubo bonke abanikazi bezimoto. "Sinxusa yonke imiphakathi ukuthi Ingazibeki Engozini, ILungise (Don't Risk It, Fix It). Lona wumzamo osuthuthukisiwe wokuqinisekisa ukuthi zonke izimoto ezithintekayo ziyalungiswa. Sifuna ukukwenza lokhu ngendlela elula nefinyelela kalula kubanikazi bezimoto - mahhala."

Hino Takata Recall QR Code

Image: Supplied

 Okwenziwa uToyota okuhlukile

Umkhankaso oqinisiwe othi Ungazifaki Engozini, Lungisa uzosatshalaliswa yonke indawo, ufinyelele kubantu abaningi kalula ukuze kuqinisekiswe ukuthi akekho umnikazi wemoto ozophinde angawuboni umlayezo. 

Izingxenye ezibalulekile zibandakanya:

Toyota Takata Recall QR Code

Image: Supplied

  • Ukwazisa kabusha ngemilayezo bonke abanikazi bezimoto abangakazibuyiseli ukuba ziyolungiswa
  • Ukuhlola ezokuphepha nokulungiswa kwezimoto mahhala kuzo zonke izinkampani zakwaToyota, Lexus nakwaHino
  • Sizohambela imiphakathi sibe nemicimbi yokuqwashisa ngalokhu ezindaweni zokusebenza nalapho kuhlala khona abantu
  • Kuzosetshenziswa izilimi ezahlukene ukuqinisekisa ukuthi sifinyelela kubo bonke abantu

Indlela yokuhlola imoto yakho  - mahhala

Abanikazi bezimoto akudingi ukuthi baqagele ukuthi izimoto zabo ziyathinteka noma cha. IToyota ikwenze kwaba yinto esheshayo futhi emahhala ukuqinisekisa lokho ngokusebenzisa lezi zindlela ezilandelayo:

  • Shayela iToyota Call Centre ku: 0800 139 111 (Uphathe iVIN yemoto yakho)
  • Ukuhlola iVIN online:

Toyota: toyota.co.za/takatarecall

Lexus: lexus.co.za/takatarecall

Hino: hino.co.za/takatarecall

Ukulungiswa kwe-airbag okuzohlenga impilo yomuntu

Kuzokhishwa wonke ama-airbag asemotweni kufakwe amasha - mahhala, ngeke ukhokhele ngisho isevisi, akukho mali efihliwe ozoyikhokha futhi akunamibandela. Ukwenziwa komsebenzi sekukonke kuthatha isikhathi esingaphansi kwehora. 

Sukuma wenze namuhla!

Uma imoto yakho isohlwini lwalezi ezithintekayo noma ungenaso isiqiniseko, hlola iVIN yakho manje. Gqugquzela umndeni wakho, omakhelwane, osebenza nabo namaqembu anje asemphakathini ukuthi nawo enze okufanayo. Ingxoxo nje noyedwa ingahlenga impilo. IToyota inxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba basukume benze namuhla - ngoba ukuphepha akukwazi ukulinda