NKOSIKHONA CELE
KUBE nomunyu kwehla nezinyembezi kwabaningi ngesikhathi izihlobo zamalungu angu-8 ebandla labaPhostoli, iTwelve Apostles Church in Trinity adlule emhlabeni ngengozi yebhasi zikhuluma enkonzweni yokukhunjulwa kwawo, ebisenkundleni yezemidlalo eShayamoya, KwaDukuza izolo. Ingozi yenzeke ngeSonto ebusuku emgwaqweni u-N2 phakathi kwaseMandeni naKwaDukuza, amakholwa ephuma engqungqutheleni ebiseRichards Bay.
Kuqale kwasukuma uMnuz Sikelela Khumalo ongumalume kamufi uMnuz Thabani Mchunu oshone engozini. UKhumalo ubekhuluma ingalo yakhe eyigodlile efake nebhandishi esandleni kwesobunxele. Uveze ukuthi naye uyazibuza ukuthi usinde kanjani kule ngozi athe ibinzima kakhulu futhi inyantisa igazi.
Udalule ukuthi ukugingqika kwebhasi kudalwe ukuphuma kwesondo lase liyahuhuluza labheka ngasezimotweni ezisemzileni ophambana nabo. Kuvele kwehla izinyembezi kumalungu aleli bandla ngesikhathi esechaza ngemizamo yakhe yokusindisa umshana wakhe kodwa ebhuntshile.
''Umshana wami ubepaquza ecindezelwe yibhasi. Kube buhlungu kakhulu ukumbona epaquza ngaleya ndlela. Sizamile sinomfowethu uDube ukumsiza sizama ukugudluza ibhasi phezu kwakhe kodwa belinganyakazi nje nhlobo. Ugcine eseshona phambi kwami,'' usho kanjena wase ebheka phansi kuqathaka izinyembezi.
Eqhuba uthe uyathemba ukuthi ukwenzeka kwengozi bekungesiyona intando yomuntu kodwa ngekaNkulunkulu odalile izulu nomhlaba. Kuphinde kwaba nomunyu esedalula ukuthi babambe umoya ukuthi amanye amalungu omndeni asesibhedlela angashoni nawo.
UMnuz Ntethelelo Mangalo ubalise ngokudlula emhlabeni kukamfowabo uMnuz Sibusiso Mangalo. Uveze ukuthi umfowabo ushona nje ezinsukwini bese kukaningi elokhu ekhuluma ngokufa. Uthe uze wambuza ukuthi kungani elokhu ekhuluma ngokufa kulezi zinsuku? Uthe kodwa akayitholanga impendulo ecacile.
"Okubuhlungu nje sivelelwe yilo mshophi nje sisanda kubeka umama wethu,'' usho kanjena. Uthe uphatheke kabi uma abantwana bakhe sebembuza ukuthi uphi kanti uNkulunkulu abamkhonzayo uma sekushonwa njalo kulo mndeni. Uthe kodwa ubonile ukuthi abantwana bakhulunyiswa ukungaqondi futhi banganyelwe ubuhlungu.
Uthe kuyabaduduza ukuthi ngesikhathi bebizwa enkonzweni yabaPhostoli batshelwa ukuthi ngelinye ilanga liyokhala icilongo.
UNksz Phakama Mvela oyisihlobo sikaNksz Nominyaka Mvela naye oshonile uthe kuxega amadolo akuvumi nokuthi akhulume. Izinyembezi bezizehlela kuyena wachaza umufi njengowesifazane obemazisa kakhulu uNkulunkulu.
UMnuz Bhekani Gumede ukhulume ngokushona kukadadwabo uNksz Lungile Gumede uthe bafe olwembiza ngoba kubo umufi bekunguyena yedwa intombazane. Uthe utholile ukuthi udadewabo udlule emhlabeni ngesikhathi abezimo eziphuthumayo bezama ukumtakula bemsusa emhosheni bezama ukumfinyelelisa phezulu emgwaqweni.
Uthe uyamjabulela ukuthi ushone edlubhe izembatho zebandla labaPhostoli. Uthe ushona nje ubesanda kuthola umsebenzi wokuba nguthisha futhi ushiye emhlabeni izingane ezingamawele.
Ulethe umunyu omkhulu uNksz Bonisiwe Mlambo ngesikhathi ekhuluma ngomkhokha wezingozi zomgwaqo athe bezibonakala zilandela udadewabo uNksz Jabulile Mlambo. Udalule ukuthi umufi uthathwa yile ngozi nje, ubengasenayo ingalo yangakwesobunxele ngenxa yengozi yebhasi abandakanyeka kuyona esemncane.
"Kuyacaca ukuthi ibimlandela le nto yezingozi, kwaze kwabuhlungu-ke kodwa ukuthi igcine imgojele,''usho kanjena.
UNksz Thandazile Mdletshe uthe umufi u-Inami Zikhali uyingane kadadewabo ecele ukuba izohlala nabo ngaseThekwini isuka kubo eMbazwana.
"Emakhaya eMbazwana basibuzile ukuthi ishone kanjani ingane iya esontweni,'' usho kanjena.
Amaculo ebehlatshelelwa lapha abevusa uhlevane kubonakala ukuthi aqondaniswe nesimo ibandla elibhekene naso. Elinye lawo belithi: "Ngembathe Moya oyiNgcwele kulawa mathunzi amnyama,'' elinye belithi: "Moya oyiNgcwele sesilinde wena".
''Sebebonke abadlulile emhlabeni kule ngozi ngoThabani Mchunu, Sibusiso Mangalo, Nominyaka Mvela, Sindisiwe Mhlongo, Sihle Malwane, Lungile Gumede, Jabulile Mlambo no-Inami Zikhali.
Le nkonzo ibikade izinyaziswe ukuba khona kwezikhulu ezahlukene. Phakathi kwazo okubalwa uMphathiswa wezokuThutha KwaZulu Natal, uMnuz Siboniso Duma, iPhini likaNgqongqoshe loMnyango wezokuThutha, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, yiMeya yeLembe uMnuz Thobani Shandu neMeya yaKwaDukuza uMnuz Ali Ngidi.