UNOBHALA we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Mtolo, uncoma ubunsizwa kusihlalo we-ANC esifundazweni, uMnuz Siboniso Duma.
UMtolo uthe uDuma wakhombisa ubuqhawe ngesikhathi eyabula umbhobho kundunankulu kaZulu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, owayethula iSilo uMisuzulu kaZwelithini emcimbini wokukhumbula iSilo uDinuzulu kaCetswayo.
Ukusho lokhu kwisithangami nabezindaba ngoLwesithathu.
UMtolo uthe kwakufanele uDuma ahlwithe uButhelezi umbhobho ngoba wafaka ipolitiki emcimbini kahulumeni.
[WATCH] ANC KZN secretary Bheki Mtolo says Siboniso Duma displayed heroism and became a sacrificial lamb to save the day and prevent bloodshed by grabbing the microphone from Traditional Prime Minister Thulasizwe Buthelezi.#Newzroom405 pic.twitter.com/mSPdfLSgjz
— Newzroom Afrika (@Newzroom405) March 20, 2024
UMtolo uthe bekungekhona okokuqala uButhelezi esebenzisa isikhundla sakhe ukulwa izimpi zepolitiki, wathi wenza into efanayo ngesikhathi kunoMkhosi waMaganu esigodlweni eMachobeni.
“Akwenzile eMachobeni uShenge, ubefuna ukukuphinda kwaCeza kanti akabhulanga, ikhona insizwa yakwaDuma, uMthombeni, uLwandle kaluwelwa luwelwa zinkonjane kuphela, insizwa engesabi ngakusantshiswa. Wathi ngeke phambi kwami, yimi oshayela loluhlelo, inhlekelele engenzeka lapha iyobuzwa kimi, wayivimba.
“UMthombeni ubekwe esimeni sokuthi akhethe ezintweni ezimbili eziyinhlekele ebezingenzeka. Eyokuqala inhlekelele kwakungaba ukuthi amyeke aqhubeke abize amagama abantu, bese kuqubuka udlwambendlu iSilo singasakwazi nokuthula inkulumo. Eyesibili kwakuwukuthi amephuce umbhobho. UDuma wakhetha inhlekelele engcono. Ngalokho uMthombeni ube yiqhawe.”
UMtolo uthe uButhelezi kufanele akhuzwe angaphinde azame ukufaka ipolitiki ezintweni ezithinta ubukhosi.
“Siyafisa ukukhuza umhlolo ngesukubona kwenzeka. Isihlalo sobukhosi siyahlonishwa kodwa sibona umfoka Shenge esilulaza. UShenge ungomunye wosopolitiki abakhuluma ipolitiki begqoke ingubo yokuba nguMzulu ngenhloso yokuzihlomulela bona namaqembu abo, hhayi ngoba bevikela isihlalo.”
UMtolo uthe uDuma usexolisile kwiSilo nakuMengameli, uCyril Ramaphosa, wathi basazoya endlunkulu beyoxolisa kahle.