SESIQUBULE umsindo isicelo senkampani ephehla ugesi eNingizimu Afrika i-Eskom sokucela ukuthi imali kagesi ekhokhwa ngabantu ikhushulwe ngo-15%.
Lesi sicelo sifakwe yi-Eskom kwiNational Energy Regulator of South Africa (Nersa) njengoba ikhala ngokungabi nemali.
UMnuz Sizwe Pamla okhulumela iCosatu kuzwelonke uthe bakhathazekile ngesicelo se-Eskom ngoba kuyimanje abantu abakwazi ukumelana nezindleko zabo.
Uthe abahambisani nesicelo sika-Eskom ngoba kusho ukuthi ugesi uzonyuka ngo-29% kulo nyaka, unyuke ngo-13% ngonyaka ozayo bese unyuka ngo-4% ngo-2021.
“Abantu banezindleko eziningi kuyimanje, bathwaliswe kanzima yintela ekhokhwa uma uthenga izimpahla iVAT. Okwenza singahambisani kakhulu nalesi sicelo wukuthi imali ezokhokhwa ngabantu uma kunyuswa ugesi izosetshenziselwa ukukhokha isikweletu sika-Eskom esiwu R419 billion esenziwe ngesikhathi kunenkohlakalo nokungaphathwa kahle kwemali,”
Uthe uma iNersa ikuphasisa ukunyuswa kukagesi izimayini zingase zingasebenzi futhi bafuna uMengameli angenelele ukulungisa isimo ngoba abakhokhi bentela abakwazi ukufaka imali emgodini ongagcwali owu-Eskom.
“Sicela iNersa ingasamukeli isicelo se-Eskom efuna ukunyusa ugesi ngemali edlulele. Kufanele ugesi unyuswe ngezinga elilingana namandla emali,”
INersa inezithangami zokulalela iziphakamiso zomphakathi ngodaba lokunyuswa kukagesi eziqhubekayo namhlanje zisePort Elizabeth bese kuthi kusasa nangoLwesihlanu sibe seNkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini ngo-9 ekuseni kuze kube wu-5 ntambama.
Izithangami zizodlulela kwezinye izifundazwe, zizophela ngoFebhuwari 4 eGauteng.
UMnuz Stanford Mazhindu okhulumela i-UASA uthe abahambisani nesicelo seEskom sokuthi kunyuswe ugesi ngo-15% ngoba kufanele izikhiphe yona ezinkingeni zemali kungahlushwa abantu abathwele kanzima.
“Siyazwelana nesikhulu esiphezulu uMnuz Phakamani Hadebe othi uma i-Eskom ingaluqali uhlelo lwayo olusha lokulungisa izinto izoba nesikweletu sikaR600 billion kodwa asikwazi ukuvumela ukuthi kuxhashazwe abantu. I-Eskom ikulesi simo ngenxa yenkohlakalo ebiqhutshwa kule nkampani. Uma ugesi unyuswa izinkampani zizodiliza abantu kunyuke izinga labaswele umsebenzi,” kusho uMazhindu.