UCABANGA ukulivuma icala uNkk Faith Ntombela obhekene nelokubulala umyeni wakhe owayeyiphoyisa lomkhandlu weTheku, uCaptain Zwelakhe Ntombela.
Lokhu kuvezwe umshushisi, u-Advocate Kristen Shaah eNkantolo eNkulu yaseThekwini.
Ubekade etshela iJaji uBruce Bedderson ngokuhlelwa nguNkk Ntombela ongumsolwa wokuqala kuleli cala.
"Umsolwa wokuqala kuleli cala uhlela ukuthi alivume icala lokubulala,'' kusho umshushisi etshela ijaji.
Ngaleso sikhathi, uNkk Ntombela ubebonakala ethule ebheke phansi enganyakazi. Kulokhu ubebonakala engahleki, esaba nokubheka abantu abebesenkantolo.
Umshushisi uveze nokuthi nenkabi uCele, icabanga ukwenza okufanayo, ngaphandle kukaKhumalo ongummangalelwa wesithathu kuleli cala.
Ijaji alizange limbuze uNkk Ntombela ukuthi kuyiqiniso yini lokhu okushiwo ngumshushisi wecala.
Ngaphambilini, Isolezwe lake lakuveza ukuthi litholile ngemithombo yalo ukuthi ucabanga ukulivuma icala uNkk Ntombela osolwa ngokuba ungqondongqondo wetulo lokubulawa komyeni wakhe.
Umufi wahlaselwa esemzini wakhe okwaS, eMlaza, ngoMeyi 3, ngonyaka owedlule.
Ngesikhathi edutshulwa umufi, uNkk Ntombela wayekhona ngaphakathi endlini kodwa kuvela ukuthi akazange azihluphe ngokuyobheka emnyango.
Wadutshulwa ngabantu abangaziwa wabe esephuthunyiswa esibhedlela eSiphingo Medical Towers okuyilapho okwafike kwamenela khona.
Ngemuva kwalokho, amaphoyisa abopha inkabi uSipho Ntombela okwavela ukuthi iyona eyadubula.
Le nkabi yageqa amagula ilandisa inkantolo ngalo lonke itulo, yaveza nokuthi yayikade ithunywe nguNkk Ntombela.
Yaveza nokuthi yayikhokhelwe imali engakanani ukuze yenze lo msebenzi. Inkantolo yabe seyiyigweba iminyaka ewu-15 ibhadla ejele.
Ngemuva kwalokho, noNkk Ntombela wakhalelwa ngamaSongo kaSigonyela ngaleli cala.
Kwavela nokuthi uNkk Ntombela itulo wayelihlanganisa noMnuz Sithembiso Justice Khumalo onguthishanhloko esikoleni iMpumulwane Primary, KwaMaphumulo, ongaphandle ngebheyili.
Kwavela negama lenkabi esatshwayo KwaZulu-Natal, uKhulani Cele, ukuthi nayo iyabandakanyeka kuleli tulo.
Icala lihlehlele u-Agasti 15. UMnuz Nkosinathi Ntombela ongumfowabo kamufi, uthe bajabule ukuthi umakoti wabo useze wathambisa inhliziyo.
"Ukuhamba leli cala kuyasikhathaza kakhulu futhi kusivusela amanxeba. Ngakho kuyajabulisa lokhu okuvezwe ngumshushisi kokuthi ucabanga ukulivuma icala,'' usho kanjena.