UMHOLI we-EFF, uMnuz Julius Malema, udalule ukuthi osanda kujoyina iMK, u-Advocate Dali Mpofu, wayefuna ukuthi i-EFF ivalwe bese belandela umholi weMK, uJacob Zuma.
UMalema uthe ngaphambi kokhetho uMpofu waqhamuka nesiphakamiso sokuthi i-EFF, namanye amaqembu aphikisayo ahlakazwe bese wonke eseka uZuma. Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma kwiPodcast ye-EFF.
UMpofu, owaba ngusihlalo wokuqala we-EFF, ngoLwesine umemezele ukushiya kwakhe kuleli qembu. Ukushiya kwakhe kulandela ukushiya kowayeyiphini lomholi kwi-EFF, uMnuz Floyd Shivambu, uMnuz Mzwanele Manyi, no-Advocate Busisiwe Mkhwebane, bonke asebejoyine iMK.
UMalema uveze ukuthi ngesikhathi kunomhlangano wamaqembu aphikisayo owawubizwe nguZuma ngaphambi kokhetho lwangoMeyi, uMpofu wethula isiphakamiso sokuthi kuhlakazwe wonke amaqembu aphikisayo.
Ngaleso sikhathi uZuma wayengakamemezeli ukuthi uzokweseka iMK okhethweni.
UMalema uthe abaholi ababehambele umhlangano kwakungumholi we-ATM, uMnuz Vuyo Zungula, umholi we-UDM, uMnuz Bantubonke Holomisa nomholi wePAC, uMnuz Mzwanele Nyhontso.
“Mina angizange ngiye kulowo mhlangano, kwaya uFloyd noMarshall (Dlamini, unobhala jikelele we-EFF). Uyamazi ke nawe uMarshall ukuthi akukhulumi kakhulu, ukhuluma uma kunesidingo. UFloyd nguyena owayekhuluma kakhulu. Wayichitha indaba yokuthi kuhlakazwe i-EFF. Kwakungawenzi umqondo ukuthi sizovala i-EFF bese silandela uZuma. Ngaleso sikhathi wayengakasunguli ngisho iMK.”
UMalema uthe emhlanganweni uZungula wafike waphakamisa ukuthi okungenani wonke amaqembu aphikisayo aseke i-EFF.
“UZungula wathi i-EFF yilona qembu elikhulu kulawa ayesemhlanganweni. UZuma waphikisana nalawo mbono, wathi abantu abadala ngeke baze bayivotele i-EFF.”
UMalema uthe uZuma waphinde wambizela emhlanganweni ngaphambi kokuthi asungule iMK, lapho aphinde enza isiphakamiso sokuthi kuhlakazwe i-EFF namanye amaqembu.
“Ngamtshela uZuma ukuthi ukhetho selusondele. Ngathi into engcono engiyibonayo ukuthi yena amemezele ukuthi uzovotela i-EFF, bese okunye sikuxoxa emva kokhetho. Kulapho angitshela khona ukuthi uzoqala iqembu lakhe.”
UMalema uthe akazisoli nakancane ngokuphikisa isiphakamiso sikaZuma. Uphinde wathi akananxa noMpofu.