UKHALA ezimathonsi umnikazi wezinkomo okuthiwa zishaywe ngumphezulu zafa zonke zisemadlelweni, ngesonto eledlule.
UMnuz Mphishi Gumede waseMboza, KwaMhlabuyalingana, uthe akungeni ngisho ukudla ngendlela aphatheke kabi ngayo emuva kokuthi izulu ebeligqagqamuka libulale izinkomo zakhe ezingu-11 kwangasala neyodwa.
“Kube yisigameko esibuhlungu kakhulu ngendlela engakaze ibonwe. Inhliziyo yami ibuhlungu kakhulu ngoba le mfuyo bengithembele kuyona, ngondla ngayo umndeni wami njengoba kungekho muntu osebenzayo,“ kusho uGumede.
Uthe uvele waphelelwa ngamandla waziyeka zonke khona lapho ngendlela ahlukumezeke ngayo.
“Namanje ungezwa nje kuvimbanise iphunga lapha endaweni angazanga ukuthi ngizenzenjani. Angithathanga ngisho inqina futhi bengingeke nginike muntu ngoba uma impahla ishaywe yizulu ayidliwa,” kusho uGumede.
Uthe ulubikile udaba ezikhulwini zikaMasipala waseJozini, zathembisa ukufaka abafana bokuvimba izulu.
Okhulumela uMnyango wezoLimo KwaZulu-Natal, uMnuz Mack Makhathini, uthe bayazwelana kakhulu ngokulahlekelwa yimfuyo eningi kwalo mndeni. Kodwa umnyango awunazo izinhlelo zokubonelela abalahlekelwa yimfuyo ngenxa yezimo zezulu ngaphandle uma isimo sibizwe ngenhlekelele.
“Lezi yizimo zemvelo. Kungenela kuphela ithimba lezinhlekelele. Nakhona uma kungathiwa yisimo esenzeke endaweni yonke noma emizini eminingi endaweni,” kusho uMakhathini.
Uthe bazolekelela ngokuthi baxhumane nehhovisi labo kumasipala ukuze kuqinisekwe ukuthi imfuyo efile iyagqitshwa.