OMUNYE wabagaqele isihlalo sobukhosi bukaZulu, uMntwana uSimakade kaZwelithini Zulu, unqumele ugwayi katiki uMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa.
UMntwana uSimakade unikeze uRamaphosa amasonto amabili ukuba akhiphe umbiko wethimba ebelijutshwe ukuba lingenelele embangweni wesihlalo sobukhosi bukaZulu, aphinde acacise ngezizathu eziholele ekutheni avume ukuqokwa kweSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini.
Lokhu kuqukethwe encwadini yabameli ebonwe Isolezwe, uMntwana uSimakade ayibhekise kuRamaphosa. UMntwana uSimakade ungomunye wabaphakamiselwe ukuba bangene ezihlangwini zeSilo esesakhothama, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu.
Encwadini, abameli bakaMntwana uSimakade banxusa uRamaphosa ukuba abanikeze umbiko waleli thimba ngokushesha. Ithimba ebelixazulula umbango wesihlalo sobukhosi beliholwa ngowayengundunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Willies Mchunu.
“Esikwaziyo ukuthi ithimba seliqedile ukwenza uphenyo futhi ukhona umbiko eliwenzile. Nakuba umbiko ukhona kodwa awukaze ukhishwe. Ukungakhishwa kombiko kwenza ukuthi kube nokudideka ngokufanele angene esihlalweni sobukhosi,” kusho incwadi.
UMntwana uSimakade uphinde anxuse uRamaphosa ukuba amnikeze izizathu eziholele ekutheni avume ukuqokwa kweSilo uMisuzulu. URamaphosa uvume ukuqokwa kweSilo ngesonto eledlule.
UMntwana uSimakade unxuse uRamaphosa ukuba amhlinzeke ngencwadi nawo wonke amarekhodi angubufakazi bukuthi iNdlunkulu kaZulu yaqoka iSilo uMisuzulu.
“Sifuna usinikeze wonke amarekhodi, izincwadi nezingxoxo obe nazo ngaphambi kokuthi ufinyelele esinqumeni sakho.
“Sifuna usinikeze uhlu lwamagama abantu oxoxe nabo ngaphambi kokuthi uthathe lesi sinqumo nezethulo abazenzile.”
Okhulumela iHhovisi likaMengameli, uMnuz Tyrone Seale, akazange ayiphendule imibuzo ayithunyelwe ngoLwesibili.
Kwenye incwadi ebhalwe ngabameli bakhe, uMntwana uSimakade, uyakuchitha ukuthi wasinqaba isihlalo sobukhosi.
Kule ncwadi ebhekiswe kubo bonke abameli abebebandakanyeka ecaleni elithinta umbango wasendlunkulu, uMntwana uSimakade uthi inkulumo yakhe yahlanekezelwa.
Uthe yena akazange asho ukuthi akasifuni isihlalo sobukhosi, kepha wathi akasikhankaseli. UMntwana uSimakade uphinde asole iJaji uMjabuliseni Isaac Madondo ngokugagamela ngesikhathi lithula isinqumo salo.
Uthe kuyishwa ukuthi uMadondo wakhuluma ngezindaba ezithinta umbango wesihlalo sobukhosi ngesikhathi ekhipha isinqumo sakhe ekubeni amacala ayephambi kwakhe, ayengahlangene nesihlalo sobukhosi.
UMntwana uSimakade uthe uMadondo waphazama ngesikhathi ethi isihlalo kasimfanele ngoba uzalwa ngaphandle kwasemshadweni. Uthe yena wafakwa esiswini seNdlovukazi uShiyiwe Manftombi Dlamini Zulu, ngakho nguye oyinkosana yendlovukazi.