UMNTWANA uSimakade Jackson Zulu usephumele obala wakuchitha ukuthi uhlela ukuphonsela inselelo isihlalo seSilo uMisuzulu kaZwelithini.
UMntwana uSimakade uveze lokhu ngezwi likaNdunankulu kaZulu, iNkosi uMangosuthu Buthelezi, obefunda isitatimende sakhe ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngezakamuva eNdlunkulu ngoLwesibili ntambama. Uthe uzwile ukuthi kunamahemuhemu okuthi kukhona abamfisela lesi sikhundla kodwa bafundiswa besakhula eNdlunkulu ukweseka lowo osuke ekhonjiwe.
“Ngijabulile uma ngibona uMntwana ezisholo kumabonakude ngokwakhe ukuthi angikaze ngisho nakuye ukuthi ngiyasifuna lesi sikhundla (sobukhosi). Nami ngiyakufakazela lokho. Ngingakuqinisekisa ukuthi angikaze ngisho kumuntu ukuthi ngiyasifisa lesi sikhundla,” kusho uMntwana.
“Ngiyakuqinisekisa ukuthi ngeke ngiweqe amagama abantu abadala. Ngicela uMntwana asale esengicelela ezintathelini ukuthi ziyeke ukungifonela ngalolu daba ngoba akukho okunye engingakusho okudlula lokhu engikushoyo," usho kanje.
UMntwana Simakade uyizinyane elidala likaBhejane, kwasadla anhlamvana, kanti uzalwa yintombi engazange igane iSilo. Wakhulela esigodlweni KwaKhangelamankengane, kweseNdlovukazi uShiyiwe Mantfombi Dlamini Zulu, okunguye oqoke isilo esisasanda kumenyezelwa.