UNGOTI wezepolitiki, uSolwazi Bheki Mngomezulu, ubona ukusungulwa koMkhonto weSizwe, kuzobuyisa ababesekhempini kaMnuz Jacob Zuma, ababaziwa ngeRadical Economic Transformation (RET) Forces. UMngomezulu ubephawula ngodaba oluyindaba egudwini lokusungulwa kweMK ehamba noZuma..
Abantu abaningi basamangele emuva kokuthi uZuma ethule iqembu lakhe uMkhonto weSizwe, wamemezela ukuthi ngeke akhankasele aphinde avotele i-ANC ngonyaka ozayo. Kusalokhu kubatshazwa izinkumbi zabantu abaqhubeka nokujoyina uMkhonto weSizwe.
Abebeseka kakhulu uZuma ngaphakathi kwi-ANC bebedume ngeleRadical Economic Transformation (RET) Forces, okusho ukuguqulwa kwezimo zomnotho ngokungananazi.
Ikhempu ye-RET ithande ukuphelelwa amandla emuva kokungena kukaMengameli uMnuz Cyril Ramaphosa. Amanye amalungu ayo axoshwa eqenjini, amanye alandelwa amacala, ahamba izinkantolo.
UMngomezulu uthe akungabazeki ukuthi labo bantu ababekwiRET bazobona ikhaya elsha eqenjini likaZuma.
“Bazoqala phansi bazihlele kabusha manje ngoba sekuvulwe leli qembu ngoba babehamba naye uZuma. Bavele abeneme ngendlela uZuma aphathwa ngayo bekholwa wukuthi uyahlukunyezwa,’’ kusho uMngomezulu.
UMngomezulu uthe uZuma uzoxaka amaqembu amaningi KwaZulu-Natal ngisho i-ANC uqobo izothwala kanzima.
“UMkhonto weSizwe ufike kuvele kukhona izinkinga kuKhongolose, ubuqembuqembu obuhlasele ezingeni likazwelonke. Kukhona izinkinga zokungahanjiswa kahle kwezidingo. Namanye amaqembu njenge-IFP ne-DA bazoshayeka ngokwamavoti,’’ kusho uMngomezulu.
Omunye umhlaziyi wezepolitiki, uSolwazi Mcebisi Ndletyana, uthe abantu beRET babezenza izishoshovu bephusha isiqubulo abaziyo ukuthi sisondelene nokuhlupheka kwabantu. Uthe ngenxa yokuthi bangabantu abangosomathuba, kungenzeka bathutheleke kuZuma.
Uthe uZuma uzovuka nenkindlane yamavoti KwaZulu- Natal ngenxa yamandla anawo kulesi sifundazwe.
“UZuma ucishe afane nenkosi KwaZulu-Natal, abantu bakholelwa kuyena kakhulu. Udaba lokuthi ungumZulu ludala umehluko omkhulu ngoba abantu baseKZN ipolitiki bayiyamanisa kakhulu nobuzwe. Ubufakazi bokuthi unamandla uZuma yizibhelu zango-2021,’’ kusho uNdletyana.
Uthe i-ANC iyazi kahle ukuthi uZuma unamandla KwaZulu-Natal ngoba yamjuba khona ekuqaleni wavukuza amavoti kubantu ababengakholelwa kuKhongolose.
I-ANC KwaZulu-Natal isivele iphawulile ngalolu daba lukaZuma. Emuva kwalokho iqale umkhankaso wokuhambe izifunda zayo iyozibikela ngalolu daba nokufanele kwenzeke ngalo.