UMGENI Water uthi usebenzisana noMasipala weTheku ukuxazulula inkinga yokuphela kwamanzi ngenxa yengqalasizinda efa njalo.
Kuyimanje amanzi abuye ahambe ezindaweni ezihlukene eThekwini ngenxa yokungasebenzi kahle kwephampu yaseMgeni Water esikhungweni iDurban Heights Water Works.
Inkinga yephampu iqale ngoNovemba 11 kanti ibhodi loMgeni Water linqume ukushintsha ubuholi ezinhlakeni zokuphakelwa kwamanzi.
Ibhodi lithe usonkontileka ozolungisa iphampu uyaqhubeka nomsebenzi futhi okwamanje kubukeka ezowuqeda ngesikhathi esibekiwe.
Liveze ukuthi belinemihlangano yokudingida udaba lokuphazamiseka kokuthunyelwa kwamanzi eThekwini.
NgoMgqibelo liye lanquma ukuthi uMnuz Sandile Dube obebambe njengesikhulu esiphezulu uzobuyela esikhundleni sakhe sokuba yisikhulu sakwa-Operations ngoba kulapho enolwazi olunzulu khona futhi ngumsebenzi akade ewenza ngaphambi kokuthi acelwe ukuba abambe njengesikhulu esiphezulu.
Ibhodi likholwa wukuthi uDube uzokwazi ukuqinisekisa ukuthi ingqalasizinda ilungiswa ngesikhathi futhi amanzi azoma ukuphela eThekwini.
Kuyimanje Umgeni Water ulungisa iphampu eseDurban Heights Water Works.