KHETHA SANGWENI
UMNTWANA uBambindlovu Zulu, ongumnewabo weSilo uMisuzulu kaZwelithini, uthi beyindlu yaKwaKhangelamankengane, ababambele muntu igqubu ngombango wesihlalo sobukhosi. UMntwana uBambindlovu, udlane indlebe ngokukhethekile neSolezwe ngeSonto ngesikhathi beseNkantolo eNkulu eMgungundlovu, lapho kukhishwe khona isinqumo ngodaba lombango waseNdlunkulu.
Umbango waseNdlunkulu uqale emuva kokukhothama kweSilo uZwelithini kaBhekuzulu, ngoMashi odlule, walandelwa nguNdlunkulu wakhe uMantfombi MaDlamini Zulu. UNdlunkulu Mantfombi uzalwa yiNkosi uSobhuza weSibili, ebukhosini baseSwatini, kanti ungudadewabo weNgonyama uMswati wesithathu uMakhosetive Dlamini, ebusayo kumanje eSwatini.
Konke kuvune iSilo uMisuzulu kaZwelithini, futhi inkantolo ilibeke ngembaba elokuthi iSilo sabekwa ngendlela efanele. Icala belifakwe nguNdlunkulu uSibongile MaDlamini, wasesigodlweni saKwaKhethomthandayo, namazinyane azalwa nguyena. Enye ingxenye yecala bekungekaMntwana waseKhwezi, uMbonisi Zulu ongumfowabo weSilo esikhotheme, owayecele ukuba kuvinjwe ukugcotshwa kweSilo esibusayo.
Udaba beluhlalelwe yiJaji Majabuliseni Madondo, eliyiPhini leNhloko yamaJaji KwaZulu-Natal. IJaji Madondo lifunde isinqumo ngesineke lenanelwa wutolika obebeka ngesiZulu. Abantwana beNdlunkulu yesigodlo saKwaKhangelamankengane, kubo kweSilo uMisuzulu, bafike ngobuningi bedle umswenko futhi kubonakala ukuthi bayajabula ngempumelelo yomnewabo.
UMntwana uBambindlovu, wakwabo kweSilo uMisuzulu, uthi bekubakhathaza ukubangiswa komfowabo kodwa konke sekudlule.
“ SiwuKhangela, sijabule kakhulu ngoba besikhathazekile njengeNdlunkulu ukuthi indlu kaMdlokombane, namanye amakhosi isingaze ihlukumezeke kanje ekubeni yonke into ibhaliwe. Kusukela manje sekuzoba nokuthula nozinzo,’’ kusho uMntwana uBambindlovu.
Uthe vele akukaze kuxatshanwe kwasekuqaleni bayohlala behlangene bewumndeni weSilo.
“ Asikaze sixabane, umndeni mkhulu siyathandana nabafowethu ngoba iSilo esidala sasifundisa ukuthi noma singasekho sihlale sihlangene,’’ kuphetha uMntwana uBambindlovu.
Okhulumela iNdlunkulu, uMntwana uThulani, ubelokhu ebabaze njalo iqhaza lenkosi Mangosuthu Buthelezi, ongundunannkulu kaZulu. UMntwana uThulani uthe ukube akekho uShenge ngabe abafikanga empumelelweni neSilo uMisuzulu.