UKHALA akaphezi umfana (13), owayenesifiso sokuthuthukisa ulwazi lwakhe ebholeni phesheya kwezilwandle, kodwa kwaba nezinsolo zokuthi wenzelwa phansi uMnyango wezaseKhaya.
UGeorge Maskini, waseBrooklyn eMilnerton, ubopha lo mnyango ufuna ukukhokhelwa uR461 000.
Ngokwamaphepha asenkantolo, umndeni uthi ubudedengu balo mnyango yibona obaholela ekutheni ungakhiphi amaphepha okuyiwo ngohambo lwakhe lokuya eThailand naseDubai.
Sekube yiziqubu ezimbili uGeorge ezama ukuhamba kodwa kungalungi.
Okokuqala ithuba lakhe lashabalala emva kokuthi uthisha wakhe emqoqele imali yokuthi abambe iqhaza kwiPhuket, eThailand ngoNovemba ngonyaka odlule.
Okwamvimbela kulokhu, kwaba wukuthi iminyaka yakhe ayimvumeli ukuthi athole i-passport yakuleli ngoba abazali bakhe bangabokudabuka eDemocratic Republic of Congo (DRC).
Kwaze kwadingeka ukuthi kungenele iPhini likaNgqongqoshe wezaseKhaya, uFatima Chohan, owamnikeza okwakucatshangwa ukuthi yi-passport, kodwa ekugcineni kwatholakala ukuthi yincwadi nje yokuhamba ekhombisa ubuzwe bakhe bokuthi ungowakuleli.
Isidididi sasuswa wukuthi kwakune-barcode kuleyo ncwadi eyayithi ungowaseDRC.
Kwagcina ngokuthi angakwazi ukuhamba ayoba yingxenye yomqhudelwano eThailand.
Okwesibili kwaba wuhambo lwakhe lapho kwakumele aye eDubai. Ngaphambi kokuthi aye eDubai, unina waya eMnyangweni wezaseKhaya ngenhloso yokuthola i-passport yomntwana.
Akwakwazanga nangelelo langa ukuya eDubai ngoba watshelwa esikhumulweni sezindiza ukuthi ngeke akwazi ukuhamba neqembu lakhe ngoba i-passport ayithola kwiPhini likaNgqongqoshe, kwatholakala ukuthi ilahlekile nokuthi intshontshiwe.
“Okusenze sayisa umnyango enkantolo wudaba lwaseDubai.
“Ngenkathi ngiya kulo mnyango akekho ofune ukunginikeza impendulo ecacile,” kusho unina walo mfana uNkk Bampende Maskini.
“Ngingakuqinisekisa ukuthi siqedela amaphepha esizowahambisa eMnyangweni wezaseKhaya masishane emva kokuthi wehlulekile ukuphendula incwadi ebesibabhalele yona,” kusho ummeli womndeni, uMnuz Romeo Tsusi..
Ngesikhathi sokuloba umnyango uthe ubungakawatholi amaphepha avela kubameli balo mndeni, ngakho ngeke ukwazi ukuphawula.