USEMBHIDLANGWENI wokwenza konke okusemandleni ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi abafundi baseBulwer benza kahle kwi-Maths ne-Science, uMasipala iDr Nkosazana Dlamini Zuma.
Lokhu kuvezwe yiPhini leMeya kulo masipala, uNkk Kholiwe Radebe.
Uveze lokhu ngesikhathi lo masipala unomcimbi omkhulu wokubungaza abafundi nezikole ezahlukene zakule ndawo ezenze kahle.
Lo masipala uthe ufuna ukuthi abafundi bendawo babonakale benza kahle kakhulu kuzona zombili lezi zifundo.
Kuvelile lapha ukuthi izikole eziyisithupha zakule ndawo ezithole o-100% emiphumeleni ka-matric yanyakenye futhi zenze kahle kulezi zifundo.
Phakathi kwalezi zikole kubalwa iDlangani High, Dumabezwe High, Siqhoza High, Faithway High, Mqulela Secondary neMasimini High.
Ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi izikole zakule ndawo zenza kahle kulezi zifundo, umasipala unikezele ngezinsizakufundisa ezilekelela kakhulu kulezi zifundo.
Izikole ezihlomulile ngazo kubalwa ezintathu, okuyiCentocow High, Dingeka Technical neDlangani High.
"Sizimisele ngokuthi senze konke okusemandleni ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi abafundi bethu bayaphumelela kwi-Maths ne-Science. Minyaka yonke uma sinalo mcimbi siye sinikeze izikole ezenze kahle kulezi zifundo izinsiza ezizolekelela ekutheni lezi zifundo baziphumelele abantwana,'' kugcizelela uNkk Radebe.
Kuklonyeliswe nabafundi abayishumi abenze kahle kakhulu ezifundweni zabo zika-matric.
Obaqwaqwade emakhanda kube nguMfanelo Memela waseMdingi High. Ugixatshezwe ngomfundaze namavawusha amabili, eka-R2 000 neka-R1 000.
Othishanhloko bezikole eziphase ngamalengiso banikezwe izitifiketi.
"Mkhulu umsebenzi eniwenzile nisebenza ngokuzikhandla, ningalali niqinisekisa ukuthi abantwana bethu bayaphumelela ezifundweni zabo,'' kusho iphini lemeya libhekise kothisha.
Ngaphandle kwezikole ezithole o-100%, kuklonyelizwe nezinye eziyishumi ezenze kahle emiphumeleni ka-matric.