UNOBHALA jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, ufuna kuphenywe kuphinde kuthathelwe izinyathelo izwe i-Israel ngokufa kwezinkulungwane zabantu eGaza.
UMbalula uthe bafuna ukuthi inkantolo yamacala amazwe omhlaba ithathele i-Israel izinyathelo ezinqala njengoba kwenzeka kumengameli wase-Russia, uMnuz Vladimir Putini, okwaphuma incwadi egunyaza ukuthi eboshwe emva kokuthi kuqubuke impi phakathi kwezwe lakhe ne-Ukraine.
Lokhu uMbalula ukusho ngesikhathi ekhuluma nabezindaba lapho ebechaza khona ngezinqumo ezithathwe emhlanganweni wezinsuku ezintathu wesigungu esiphezulu kwi-ANC obungempelasonto.
Impi ye-Israel neHamas isiholele ekufeni kwabantu abangaphezu kuka-3 000 eGaza.
UMbalula uveze ukuthi kusasa bazoba nombhikisho ozolibhekisa emahhovisi enxusa lase-Israel kuleli, lapho bezonxusa ukuba kuqalwe uphenyo ngokufa kwabantu.
“Sifuna ukuthi kuphenywe lezi zenzo zobushokobezi ezenziwa elase-Israel. Sifuna ukuthi kuthathwe izinyathelo. Akufanele sibe amaxoki, kunezinyathelo ezathathelwa uPutin ngenxa yale nto eyenzeka phakathi kwezwe lakhe ne-Ukraine. UPutin akakwazanga ukuhambela umhlangano wamazwe angaphansi kweBrics owawukuleli ngenxa yesinqumo esathathwa inkantolo yamazwe omhlaba. Nakulokhu sifuna ukubona kuthathwa izinyathelo. Sifuna ukubona labo abaphula amalungelo abantu bethathelwa izinyathelo. Sifuna nokuthi amazwe omhlaba afake unswinyo.”
UMbalula uthe bafuna kube nokuthula eGaza.
“Sizosebenza nezinye izinhlaka ezilwela amalungelo abantu kanye nezinyunyana zabasebenzi ukulwa nokucwaswa kwabantu. Siyayiseka imizamo yohulumeni wakuleli kanye nezinhlaka ze-ANC esezizwakalise ukweseka abantu basePalestine.”
UMbalula uthe bafuna ukuthi inhlangano yezizwe, i-United Nations, kanye neyamazwe asezansi ne-Afrika, iSadac, ukuba ahambele eGaza ngenhloso yokuthola isisombululo.
“Sikholelwa ekutheni umhlaba wonke kufanele uhambele eGaza uyozibonela inhlekelele eyenzeka kuleya ngxenye yomhlaba.”
UMbalula ukuchithile ukuthi bacheme neHamas, wathi bona beseka kuphela abantu basePalestine athe bacindezelekile.
“Asisoze sahambisana nabantu ababulala abantu abangenacala. Thina idlelandawonye lethu ePalestine iPLO kanye nabantu basePalestine jikelele. Sihambisana nabo ngoba siyabona ukuthi bacindezelekile. Thina njenge-ANC asisoze sahambisana nabantu abagqugquzela udlame. Thina esikufunayo ukuthi la mazwe ahlale ngokuthula.”