IPHINI leMeya yeTheku lifake amaphepha aphuthumayo eNkantolo eNkulu yaseThekwini, lifuna kumiswe umhlangano woMkhandlu waseThekwini, okungase likhishwe kuwona ngevoti esikhundleni.
Ngesikhathi sokuloba udaba, uMnuz Philani Mavundla, ukuqinisekisile ukuthi usenkantolo okuyiyona afuna ilalele okuhlongozwa ngaye.
UMavundla ungumengameli weqembu lezepolitiki i-Abantu Batho Congress (ABC). I-ABC ingelinye lamaqembu amancane i-ANC ebambisene nawo ukubusa uMasipala waseThekwini.
Kamuva, uMavundla udalule ukuthi ngoNovemba 2021, wasayina isivumelwano ne-ANC esibababophezela ukuthi bazosebenza ndawonye kuze kube u-2026.
Wathi ngeke ashenxe esikhundleni sephini lemeya futhi ubambelele kulesi sivumelwano kuze kube uyalelwa inkantolo ukuthi enze okwehlukile.
NgoLwesibili, kulindeleke ukuthi kuhlale umhlangano oyisipesheli wamakhansela kaMasipala waseThekwini.
Lo mhlangano uhlala nje, kungenxa yokubhuntsha kobukade ungesonto eledlule.
Kulowo mhlangano, i-DA yawudikila emuva kokuthi sekwedlule isikhathi okwakumele uqale ngawo namakhansela e-EFF ayengazibekile phansi, ebhikisha efuna kususwe esikhundleni iMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda.