UZOKHUZA ibuya ebuholini be-ANC KwaZulu-Natal owayeyiphini likasihlalo wale nhlangano esifundazweni, uMnuz Mike Mabuyakhulu.
UMabuyakhulu uzojutshwa ukuba azokwelekelela ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal ukukhankasela ukhetho lwangonyaka ozayo.
Lezi zindaba ziqinisekiswe unobhala jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, obekhuluma esithangamini nabezindaba, izolo.
UMabuyakhulu ubekade eyiphini likasihlalo we-ANC KwaZulu-Natal ngaphambi kwengqungquthela yokukhetha ubuholi balenhlangano esifundazweni eyayingonyaka odlule.
Akakwazanga ukungenela umbango wezikhundla kule ngqungquthela ngenxa yokuthi ubesahoxile esikhundleni njengoba ebebhekene necala lenkohlakalo.
NgoJuni inkantolo yawachitha amacala abethweswe uMabuyakhulu.
Izolo uMbalula uveze ukuthi uMabuyakhulu ungomunye wabantu abazojutshwa esifundazweni iKwaZulu-Natal ukuba bazolekelela emkhankasweni wokhetho.
UMbalula ukuchithile ukuthi i-ANC izojuba uMabuyakhulu ngenxa yokungamethembi unobhala we-ANC esifundazweni, uMnuz Bheki Mtolo.
“UMabuyakhulu akezile ukuzothatha indawo kaMtolo, kepha uzosebenza noMtolo. UMabuyakhulu unamava ekukhankaseleni ukhetho. Uyadingeka umuntu onamava njengaye ekukhankaseleni ukhetho.
“Akusiyena yedwa uMabuyakhulu ozojusthwa esifundazweni iKwaZulu-Natal. Baningi abanye abaholi abanamava ekukhankaseni KwaZulu-Natal abazojusthwa ukuba bayolekelela. Laba baholi abanamava abezile ukuzothatha indawo yobuholi besifundazwe. Ubuholi besifundazwe bakhethwa engqungqutheleni esemthethweni, ngakho ke abuyi ndawo.”
UMbalula uncome ukuziphatha kukaMabuyakhulu ngesikhathi ebhekene namacala.
“Akazange alinde ukuthi aze atshelwe ukuthi akashenxe esikhundleni, wazishenxela yena. Akafunanga futhi ukulokhu ebanga umsindo, waya enkantolo wayobhekana necala lakhe.
“Icala lafika ngesikhathi esibi kuyena njengoba ngaleso sikhathi wayesethubeni lokuba ungqongqoshe. Ziningi izinto ezenzekile ngesikhathi esashenxile esikhundleni. Kube nezingqungquthela eziningi. Akekho owaziyo ukuthi ngabe ukuphi namhlanje ukuba akazange aphazanyiswe ilamacala. Mhlawumbe ngabe uyilungu lesigungu esiphezulu nje.”
UMbalula uveze ukuthi ubuholi be-ANC kuzwelonke buzophinde buhambele KwaZulu-Natal ngesonto elizayo lapho buzohlangana nobuholi besifundazwe.
Kulo mhlangano ubuholi bukazwelonke buzokwethula umbiko ngohambo lwabo lwakulesi sifundazwe lwasekuqaleni konyaka.
UMbalula uthe bazophinde bothe neSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini kulolu hambo.
Uphinde waveza nokuthi i-ANC izophinde ibe nemihlangano ezindaweni ezahlukene lapho izobe ibika ebantwini ngebanga esilihambile ekufezeni izethembiso zayo zokhetho luka-2019.
UMbalula uthe yize bekwazile ukufeza izethembiso zalolu khetho eziningi, zibe khona izingqinamba.