SIYINDABA egudwini isenzo sowesilisa waseMzimkhulu, okuthiwa ulobole udadewabo omncane kamakoti wakhe, engamazisanga unkosikazi.
UMnuz Velenkosini Mncwabe (45), kuthiwa wenze okungajwayelekile wanyelela wayolobola uNksz Sinqobile Mgwaba (33) kubo eKranskop, ekubeni umkakhe uNkk Nonhlakanipho Mncwabe (uMaMgwaba) (44) engazi.
Kuvela ukuthi uMnuz Mncwabe, wenze lokhu ngemuva kokwenza isivumelwano nabakubo kukankosikazi wakhe ukuthi athathe omunye ukuze amtholele abantwana.
Kuthiwa umkhwenyana ubebalisa ngokuthi sekuphele iminyaka eyisishiyagalombili beshadile kodwa lutho abantwana.
Isolezwe Ngempelasonto likhulume naye umakoti wokuqala wathi yena usebonakala njengowesifazane ohlulwa umendo emalungwini omphakathi.
Uchaze umyeni wakhe njengendoda enesihluku futhi engenandaba nemizwa yakhe. Ufunge wagomela wathi lokhu abakwenzayo ngeke kuze kuphumelele.
Uthe uyamdabukela udadewabo ngokuzifaka entweni angeke aze ayimele.
Ebuzwa ukuthi uchaza ukuthini uma ethi uyamdabukela, waphendula ngokuthi “isiZulu kasitolikwa”, washo evala ucingo.
Udadewabo omncane okuthiwa ubekade eyolotsholwa emasontweni amabili edlule, uthe ukhethe ukuthi alalele isicelo sabazali bakhe uma bemnxusa ukuthi akahambe ayovusa umndeni kadadewabo.
"Mina angithandi ukhuluma ngale nto, bhuti wami. Engingakusho ukuthi engikwenzile yingoba bengithi ngilalela abazali bami futhi ngilekelela udadewethu omdala,'' usho kanjena.
Ebizwa ukuthi bebevele bethandana yini nomkhwenyana kadadewabo omdala, uphendule ngokuthi akunjalo, wathi akasiyena umuntu wesifazane ongaziphethe kahle.
Khona lapho uveze ukuthi kudingeke ukuba ahlukane nesoka lakhe leminyaka emihlanu ukuze ayogana indoda eyodwa nodadewabo. Uthe kube buhlungu kodwa ubengeke aze abaphoxe abazali bakhe.
Isolezwe Ngempelasonto likhulume noMnuz Mgwaba owenqabile negama lakhe kodwa onguyise wabo bobabili abesifazane.
Uthe izindaba zomuzi wakhe azidingi izintatheli. Wathi futhi unelungelo lokulungisa izinto nganoma iyiphi indlela ngoba kusemzini wakhe.
Ethintwa umkhwenyana okuthiwa ulobole isinyelela, uphendule ngokuchwensa, wathi ungcono yena uyalobola. Uthe akafani nabafana bamanje abangenawo amandla okuthi balobole.
Akathandanga ukuphendula umbuzo wokuthi kungani ekhethe ukulobola udadewabo kamakoti kunokuthi akhethe omunye wesifazane. Uthe ngeke awuphendule lowo mbuzo ngoba akukho akukweleta intatheli.
Umkhwenyana unengane eyodwa ayithola kowesifazane osewadlula emhlabeni ngokuthola kweSolezwe Ngempelasonto. Kuthiwa unguthisha kwesinye sezikole eMzimkhulu, futhi unezitolo.