SIDLALA izigebengu ezingena ngophahla isalukazi saKwaDukuza esesidilikelwe yindlu kaningi, sisalinde eyomxhaso.
UNkk Thandi Madikizela (65), ohlala nomzukulu oneminyaka emihlanu, uselala obenyoni njengoba indlu enamakamelo amabili isengcupheni yokudilika.
Utshele Isolezwe ukuthi isidilike kaningana ngenxa yemvula, walubika udaba lwakhe ekhanseleni. Ngaphandle kokuthi akanawo amandla okuyiphahleka indlu, nemali yesibonelelo sikahulumeni ayanele njengoba ondla abazukulu ababili abashonelwa abazali.
“Omunye umzukulu oneminyaka engu-14 angihlali naye kodwa wondliwa yimina. Ngeke ngiqale nokuzama ukupatanisa ukwakha indlu ngoba kudingeka imali. Kusukela ngo-2017 ngalubika udaba lwami ekhanseleni kodwa namanje ngisalindile.”
UNkk Madikizela obuye aphekele phansi kuyona le ndlu ngenxa yokonga imali, uthe usesaba kakhulu izigebengu.
Uveze ukuthi sezike zazama ukungena ngenxa yokuthi indlu inopotsho abaningi. Uze amboze nangezingubo zokulala lapho kudilike khona ngoba nemali yokuthenga ukhethe ayikho.
“Kwasiza ukuthi ngimemeze kakhulu, izigebengu zabaleka. Zase zingenile ngazo lezi zikhala ezidalwe ukudilika,” kusho yena.
UMnuz Njabulo Cele oyikhansela, uthe akuyena uNkk Madikizela kuphela olinde indlu yomxhaso. Uthe wabhalisa ohlelweni iToldale Housing Project, esenenkinga yokubangwa komhlaba.
“Ngafika ngo-2016 zivele zikhona izinhlelo zokwakhiwa kwezindlu kodwa azikaze zakhiwe. Inkinga ukuthi abantu abanxeshezelwa badayisela umasipala umhlaba, sebebuye badayisela abanye. Kwakumele zibe ngu-3 000 izindlu ezakhiwayo, ezingeke zisafika kuleso sibalo ngenxa yokuthi umhlaba usudayisiwe,” kusho yena.
USELALA obenyoni uNkk Thandi Madikizela osedilikelwe yindlu kaningi, engaphinde iwe noma yinini njengoba esalinde eyomxhaso
UCele uthe akaboni ukuthi lezi zindlu zizokwakhiwa kulo nyaka wesabelomali. Uthe kule ndawo azikaze zakhiwe izindlu zomxhaso, yingakho uNkk Madikizela kumele alinde ezizayo.
Okhulumela uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu esifundazweni uMnuz Mbulelo Baloyi, uthe kusekude ukuthi luqalwe uhlelo lokwakhiwa kwezindlu ngenxa yombango womhlaba. Uthe uNkk Madikizela kumele akhelwe izindlu zesikhashana, ezinikwa abanezimo eziphuthumayo.
“Ikhansela kumele lixhumane nomasipala ukuze kuzobhekwa isimo sikagogo bese efakwa ohlelweni lwesikhashana lwezindlu. Ukuthola indlu yesikhashana akusho ukuthi ngeke esahlomula uma sekwakhiwa ezomxhaso,” kusho uBaloyi.