UNDUNANKULU kaZulu, uMntwana uMangosuthu Buthelezi, usekuhlabile okwenzeka ngaphandle komuzi kalowo owayengumengameli wakuleli, uMnuz Jacob Zuma, KwaDakwadunuse, eNkandla.
UButhelezi uthe ngeke akwazi ukuthula asonge izandla ebona inkululeko, naye ayilwela, ixhashazwa.
“Ngikhathazekile kakhulu ngokwenzeka eNkandla, akulungile. Abantu laphaya baphonsela uMbuso inselelo, ngokwenza lokho basiphonsela inselelo sonke thina esilandela umthetho wakuleli. Kuyisono okwenziwa ngabantu abaseNkandla, abahlangane ngesikhathi izwe libhekene nohlobo olunzima lweCovid-19,” kusho uButhelezi.
UButhelezi uthe kubaluleke kakhulu ukufaka izifonyo nokuqhelelana nabantu uma kuhlangenwe ukudlula ngisho ukugonywa kwabantu empini neCovid-19.
“Abantu abaseNkandla babeka izimpilo zabo nezabanye engcupheni, izifonyo kazibonwa,” kuqhuba uButhelezi.
Uthe ngokubona kwakhe, okwenzeka eNkandla akuhlukile nokuvukela uMbuso.
“Ngiyihlonipha impela imizwa yabantu abazwelana noZuma kodwa akwamukelekile ukuvukela uMbuso nokubeka izimpilo zabanye engcupheni. Njengomunye wabaholi abambalwa abasele, abalwela inkululeko kuleli, ngiyesaba ukuthi uMdali uzongehlulela kanzima uma ngingasho lutho abantu bebulala ikusasa lakuleli. Bakhela intsha yakuleli ikusasa lobubha nokufa, ngeke-ke ngithule,” kusho uMntwana waKwaPhindangene.