I-IFP KwaZulu-Natal yamukele amalungu alinganiselwa ku-600 avela kwiNFP nakwi-ANC KwaNongoma ngoLwesihlanu.
La malungu amukelwe ngezandla ezifudumele uMnuz Velenkosini Hlabisa oqokwe yi-IFP ukuthi abengundunankulu eKZN uma idla ubhedu okhethweni lwangoLwesithathu.
UHlabisa ubehambisana nabaholi bendawo ngesikhathi bemukela amalungu ngoLwesihlanu ehholo edolobheni KwaNongoma. Bekukhona namalungu amadala e-IFP ezozibonela amalungu amasha ekhumula izikibha zamaqembu awo, egqoka eze-IFP.
Ekhuluma emcimbini uHlabisa uthe ubamukela ngezandla ezimhlophe, uyabathuma ukuthi abangene umuzi nomuzi banxenxe abanye ababashiyile ukuba beze kwi-IFP.
“Nikhombise isibindi esiyisimanga, ningamaqhawe. Baningi enibashiyile abafisa ukunilandela kodwa bangamagwala. Balandeni, bazovotela i-IFP. Yiyo kuphela eyokwenza umehluko ezimpilweni zenu kulesi sifundazwe.
“Asibuyisele amandla kwi-IFP ukuze iphinde iphathe. Kuningi okungashintsha, kungaqashwa abahlengikazi nodokotela ukuze ningavuki ngovivi niyokhuhla amabhentshi ezibhedlela nize nithole usizo seliyoshona. Sizoqiniseka ukuthi othisha abangaqashiwe bayaqashwa. Intsha eneziqu sizoyitholela imisebenzi,” kusho uHlabisa.
Abaningi abebevela kwiNFP babeyi-IFP phambilini. UNksz Nozipho Mpanza obekwiNFP osejoyine i-IFP, uthe: “Sengihlale isikhathi eside ngingasebenzi. Ayingenzelanga lutho iNFP. Usuzobonakala umehluko empilweni yami manje.”
UMnuz Vela Ndebele obekwi-ANC naye ukhale ngomsebenzi, wathi uzovotela i-IFP ukuze uma iphatha ibadalele amathuba emisebenzi njengoba bengasebenzi bebaningi.
UHlabisa, uthe okujabulisayo laba abajoyine i-IFP manje abezi ngoba sekuzovotelwa izikhundla zamakhansela futhi abezi ngoba begaqele ukuthi bathole ithuba lokuya ePhalamende ngoba uhlu lwabazoya khona kudala lwenziwa, beze ngoba sebekhathele izethembiso ezingafezwa emaqenjini abavela kuwona. Ngaphambi kokuba ayokwamukela amalungu amasha ubekade evula ihholo lomphakathi iPhumuzumlomo Community Hall KwaHlabisa elidle uR3.7 million. Uthe leli hholo abalivuli ngoba sekusondele ukhetho.
“Asisebenzeli ukhetho thina. Ngisho ukhetho lungekho besizolivula leli hholo. Asihambi sihlaba amasoyi bese singakhi. Salihlaba nyakenye isoyi kodwa manje sesiyalivula ihholo. Elenu, lacelwa, yinina niligade lingalinyazwa. Leli hholo lifana nalawo akhiwa emadolobheni,” kubeka uHlabisa.
Inkosi yendawo uNhlanganiso ishaye ngamafuphi yathi: “Kuyasebenzeka siyabona. Siyabonga.” Ucele ukuba leli hholo ebeseliqanjwe ngokuthi yiMadondo Community Hall lishintshwe libizwe ngomuzi wenkosi iPhumuzumlomo nebala uHlabisa uthe leli hholo selizobizwa ngePhumuzumlomo.