UKUWA kwamabhange kushukumise iSouth African Reserve Bank (SARB) ukuba isungule uhlaka oluzovikela ababeka imali emabhange.
Lolu hlaka olubizwa ngeCorporation for Deposit Insurance (Codi) lwethulwe ngokusemthethweni ngoMsombuluko yiSARB.
Ithe abantu bazokwazi ukuthola imali engangoR100 000 uma kuwukuthi ibhange libhekana nezingqinamba ezithile okubalwa ukuwa, nezinye izinkinga eziye zibhekane namabhange.
Ngebhadi labo ababeka imali engaphezu kukaR100 000 kuzofanele ukuthi balinde imicikilisho eye ilandelwe uma kuwe ibhange.
Iphini lomphathi weSARB, uMnuz Kuben Naidoo, lithe ukusungulwa kweCodi kuyisinyathelo esihle kakhulu ngoba kuzovikela abampofu abasuke belondoloze imali emabhange.
UNaidoo uthe okwamanje kusetshenziswa umthetho iFinancial Sector Amendment Act 23 ka-2021 futhi kuzodingeka kwengezwe eminye imithetho.
Uveze ukuthi iCodi izosebenza ngokugcwele ngonyaka ozayo uma sekwengezwe eminye imithetho.
Uthe basebenzisana namabhange akuleli, iBhange loMhlaba nezinye izinhlaka zomthetho ukuqinisekisa ukuthi iCodi efana nomshwalense wabantu ababeke imali ebhange isebenza kahle.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngo-2018, iVBS Mutual Bank yawa nokwaholela ekutheni abantu ababelondoloze imali kuleli bhange bangakwazi ukukhipha imali yabo.
Kwakufanele balinde ukuthi umlawuli oqokwe yiSARB aqoqe imali yaleli bhange ngaphambi kokuthi akhokhele abantu.
Uma sekusebenza iCodi, iSARB ithe abantu ngeke kuphele isonto bengakhokheliwe imali yabo ewuR100 000 uma kwenzeka ibhange liwa noma liba nezingqinamba ezithile.
Abazolinda umlawuli yilabo abanemali engaphezu kukaR100 000.