UGWETSHWE iminyaka engu-18 ebhadla ejele olahlwe yicala lokubamba inkunzi imoto yemali.
USibongiseni Mkhwanazi (37) ugwetshwe yiNkantolo yesiFunda eMtubatuba ngecala elenzeka KwaSomkhele.
Okhulumela uphiko loKlebe esifundazweni, uLt Colonel Simphiwe Mhlongo, uthe uMkhwanazi ulahlwe ngamacala amathathu okubamba inkunzi esebenzisa isihluku, wagixabezwa ngesigwebo seminyaka engu-18. Ubuye wagwetshwa iminyaka eyisikhombisa ngamacala amabili okuzama ukubulala, emihlanu yokushintshana ngemali ngendlela engekho emthethweni nemithathu yokutholakala nemoto eyebiwe.
Lezi zigwebo zakhe uzozidonsa kanye kanye.
Kuthiwa ngoFebhuwari 3, 2020 onogada babesuka KwaNongoma beya eRichards Bay ngesikhathi kubhozonyelwa uMkhwanazi nayehamba nabo. Kuthiwa badubula bebhekise emotweni ethwala imali kwaze kwaba umshayeli wayo uyayimisa. Babe sebebamba inkunzi onogada, babaphuca izibhamu zabo zomsebenzi ngaphambi kokuthi baqhumise ngeziqhumane imoto yemali. Kuthiwa babe sebebaleka nesamba semali esingadalulwanga. Kwavulwa icala lokubamba inkunzi imoto yemali esiteshini samaphoyisa KwaMsane, icala ladluliselwa ophikweni lwamacala abucayi eRichards Bay. UMkhwanazi zamkhalela ngesonto elilandela elesigameko. Amaphoyisa athola imoto eyayebiwe eyasetshenziswa kwenziwa icala. I-akhawunti yakhe yasebhange yamiswa ukusebenza ngenxa yokungena kwemali ngendlela esolisayo kanti imali eyafakwa kuyo izothathwa wuMbuso.